‘Uzosayina maduze uZwane kwiSundowns,’ kusho imenenja yakhe

Themba Zwane DStv Premiership
UThemba Zwane
UDABA: Mhlengi Josta Cele
ISITHOMBE: Twitter

Imenenja kaThemba Zwane, uJazzman Mahlakgane ithi phansi amaphaphu, lo mdlali uzoyisayina inkontileka entsha neMamelodi Sundowns.

UMahlakgane ukhuluma kanjena nje, uZwane usanda kuvikela indodo yokuba ngumdlali wasesiswini ovelele kwiDStv Premiership.

Inkontileka yakhe neSundowns iyaphela kule nyanga, kodwa iqembu lingakwazi ukuyivuselela ngonyaka ngokombandela wesivumelwano esokhona phakathi komdlali neqembu.

UMahlakgane utshele abezindaba ngoLwesihlanu ukuthi unethemba elikhulu lokuthi uZwane uzoyisayina maduze inkontileka entsha neSundowns.

Uveze nokuthi iSundowns ayifunanga ukuthi ilinde lesi sihlabani sayo size singene ezinyangeni eziyisithupha zokugcina zenkontileka izingxongxo zingakaqali.

“Uzosayina, yingakho sikhuluma nabo ngenye inkontileka futhi sikhuluma nabo kuphela,” kusho uMahlakgane. “Abantu abangesabi, uzoyisayina inkontileka entsha.”

Phambilini uZwane wake wakhuluma ngamaphupho akhe okuyodlala phesheya kwezilwandle. Kodwa manje kubukeka esezimisele ngokuthatha umhlalaphansi egijima kulo leli qembu laseChloorkop kulandela impumelelo yakhe yakamuva.

Lo mdlali waseTembisa usewine iligi amahlandla amahlanu neSundowns manje usebheke ukufaka enye futhi ekhabetheni.

“Engingakusho nje ukuthi ngiyalithanda iqembu, sisakhuluma ngezindaba zenkontileka entsha. Ilokho kuphela engingakusho okwamanje. Abalandeli abaqhubeke baseke iqembu,” kusho uZwane.

“Ukusuka manje kuya phambili, ngingathanda ukuzibona ngiqhubeka nokudlala kwiSundowns.

“Kumnandi ukuthi senginqobe iligi amahlandla amahlanu, yize ngizibekele ayisithupha. Yingakho ngisebenza kanzima minyaka yonke ukuze nginqobe iligi,” kusho uZwane.

Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.