UZothwane usefuna ukuvelela ekuqeqesheni manje

UZothwane usefuna ukuvelela ekuqeqesheni manje
UPapi Zothwane
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

Njengoba eseze walithola ithuba lokuba ngumqeqeshi, uPapi Zothwane uthi ufuna ukwenza ngalo okufanayo nalokhu akwenza ngelokudlala.

UZothwane wayegijima kwiGolden Arrows elihlikihla kuchazeke izihlwele esiswini. Yingakho iMamelodi Sundowns yafika ihefuzela eThekwini ijahe ukufika bengakafiki abanye izothenga lo mdlali.

Nakhona kwiSundowns waliveza ikhono lakhe kodwa waphazanyiswa wukulimala kwaze kwafika la ewabeka khona ethala amakhokho akhe.

Utshele Impempe kuleli sonto ukuthi manje uselobizela ukuthi naleli thuba alinikwe wuThongathi FC lokuthi abe ngumqeqeshi alisebenzise ngendlela.

UZothwane nguye ozobe esebhentshini laleli qembu eliyidova kwiGladAfrica Championship ngesizini ezayo.

Uthi nakuba kuhambe abadlali abaningi kuleli qembu bethengwa ngamanye adlala esigabeni esiphezulu, kodwa bakhona abasababheka ukuvala izikhala.

Kubadlali abashiyile singabala oNtsikelelo Nxadi, Saziso Magawana, Xolani Slawuli noKhethukuthula Ndlovu. Lo mqeqeshi akukufihlanga ukuthi uPitso Mosimane uyisibani kubaqeqeshi balapha eNingizimu Africa abamnyama.

“Uyivulile indlela eya phambili njengoba sekulandela abaqeqeshi abafana noBenni MaCcathy (waMaZulu FC), Manqoba Mgqithi (weMamelodi Sundowns) Mandla Ncikazi (we-Orlando Pirates)…

“Bonke laba baqeqeshi amaqembu abo azobe emele izwe laseNingizimu Africa emdlalweni yeCAF,” kusho uZothwane.

Uthi lokho kumenza angangabazi ukuthi le mpumelelo yalabaqeqeshi iwela kubo njengabaqeqeshi abasafufusa.

FUNDA NALA: UBaxter uthi sizobasiza isitufuza esinguDolly uma sesehlise isisindo

Uyivumile nenselelo yena nephini lakhe uPhilani Shange ababhekene nayo yokubeka Uthongathi endaweni engcono kwiChampionship.

“Akukho esikubhekile ngaphandle kokugcina iqembu lidlala kulesi sigaba okwamanje. Okunye sizobe sesakhela kule sizini yethu yokuqala,” kusho uZothwane.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.