Uzovalelisa ngewini uMthalane kubalandeli bamankomane eKZN

Uzovalelisa ngewini uMthalane kubalandeli bamankomane eKZN
UMoruti "Babyface" Mthalane
Alfred Ngubane 

Abalandeli bamankomane KwaZulu-Natal bazobhema bekholwe yidili lezimpi elizoba ngo-Okthoba 2 ehholo lomphakathi eMgungundlovu.

Lezi zimpi ziholwa phambili ngekaMoruti “Babyface” Mthalane waseMpendle esigodini saseLutheni.

UMthalane uzotholana phezulu noDiomel Diocos wasePhilippines. Lapha kulindeleke ukuthi abalandeli bakaMthalane baphume ngobuningi ukuzozibonela iqhawe labo.

Phela uMthalane usezothatha umhlalaphansi njengoba le mpi izoba ngeyokugcina kuye. Ngokusho kukaMthalane, usezogxila emabhizinisini akhe, imfuyo nokujimisa osazwiwayo.

“Ngibona sekufike isikhathi sokuthi ngidede bese ngigxila kwezinye izinto ezinjengamabhizinisi nomsebenzi wokujimisa abantu.

“Ngifuna ukuphuma kahle ke kodwa ngokuthi nginqobe ukuze abalandeli basale nezinkumbulo ezinhle ngami,” kusho uMthalane.

Khonamanjalo, uNomvelo Magcaba Shezi weMvelo Boxing Promotion uthi bathe ukulikhuphula izinga kunakuqala njengoba beqhathe impi yomhlaba nezobukwa ngumhlaba wonke.

“Kuvulelwe abathandi bezamanqindi ukuthi bathenge amatafula. Bazophinda bazithokozise nangezibiliboco nangomculo.

“Bazibonela bukhoma nendodana kaJacob Zuma uDuduzani Zuma,” kusho uNomvelo. Lezi zimpi zizosakazwa bukhona kuSABC 2 nasezitshini zomsakazo zale nhlangano esakazela umphakathi mahhala.

FUNDA NALA: UMaema ufuna baqhube usiko lokuvulela induku kwiPirates

UNomvelo usezakhele igama kubantu abaningi ngokukwazi ukuphatha kahle izihambeli eziphuma zibonga ngemphatho enhle.

Kuzobakhona nezinye izimpi ezoba khona eziningi. Uphinde wacela abalandeli bamankomane ukuthi baphume ngobuningi ukuzokweseka abashayisibhakela. \

UBhunu Mthalane, ongumfowabo kaMoruti uthi izinsizwa zakubo nangakubo zizobe zivunule njengoba kuyinyanga yamagugu

“Sizobe sizomgqugquzela ngayo uMoruti njengoba ehamba ihele emakhaya,” kuchaza uBhunu.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *