Uzovezwa bukhoma kwiSABC owamanqamu weChiefs

Uzovezwa bukhoma kwiSABC owamanqamu weChiefs
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Twitter

Usuzovezwa bukhoma kwiSABC umdlalo wamanqamu weCAF Champions League okuzogadulisana kuwo iKaizer Chiefs yakuleli ne-Al Ahly yase-Egypt. Lezi zindaba zikhishwe nguMnyango wezokuXhumana kuleli ngoLwesihlanu ntambama.

Bekukake kuke kwavela ukuthi abakwaSABC ngeke besawuveza lo mdlalo ngemuva kokuhluleka ukuthola amalungelo okuwusakaza bukhoma. Abenikwe abakwaMultichoice abaphethe iSuperSport TV.

Kodwa ngemuva kokungenelela kukaNgqongqoshe wezokuXhumana, uStella Ndabeni-Abrahams, kugcine kuvunyelwene ukuthi neSABC izowuveza bukhoma lo mdlalo.

“UNgqongqoshe uStella Ndabeni-Abrahams unentokozo ukumemezela ukuthi iSABC izowusakaza umdlalo weCAF Champions League phakathi kweKaizer Chiefs ne-Al Ahly.

“UNgqongqoshe ukwazile ukuxhumana nabakwaSABC nabakwaMultichoice ukuqinisekisa ukuthi kunokuvumelana ngesisombululo samalungelo okusakaza lo mdlalo, kubekwe phambili izidingo zeningi labantu bakuleli,” ibifundeka kanje ingxenye yesitatimende esikhishwe yilo mnyango ngoLwesihlanu ntambama.

“Ngifuna ukubonga bobabili abakwaSABC nabakwaMultichoice ngokuthola isisombululo esizovuna izigidi zabantu abathanda ibhola eNingizimu Afrika. Ezemidlalo zibalulekile ekwakheni isizwe nokugqugquzela ukuhlalisana kahle kubantu.

“Kungenxa yalesi sizathu ngisamukela lesi sivumelwano esiphakathi kwalezi zinhlangano. Abantu bezwe lethu sebezokwazi ukubuka lo mdlalo obalulekile esiteshini esisakaza mahhala.

FUNDA NALA: UJordaan unxenxa abeChiefs ukuthi bengayilahli ekugcineni kwiChampions League

“Lokhu kubaluleke kakhulu ezweni lethu ikakhulukazi njengamanje kwazise izwe lethu libhekene nesimo esinzima,” kusho uNdabeni-Abrahams.

Lo mdlalo, ozoqala ngo-9 ebusuku uzosakazwa naseziteshini zimsakazo nakwithelevishini kwiSABC. Kodwa bebengakacacisi ukuthi yisiphi isiteshi kwezeTV okuyisona ozokhonjiswa kuso lo mdlalo.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *