Uzowuqala kahle ngokulwela ibhande elisha uLerena unyaka omusha

OkaDonga Gumbi
Uza nezindaba ezinhle unyaka ozayo kumshayisibhakela waseNingizimu Afrika, uKeven Lerena njengoba ezolwela ibhande lesisindo esisha esisanda kumenyezelwa yiWorld Boxing Council (WBC).
ULerena uzovovana inkani noBilal Laggoune waseBelgium ngoMashi 13, e-Emperor’s Palace, eGauteng.
I-WBC isanda kwethula isindo esibizwa ngeBridgerweight, yabe seyinika uLerena ithuba lokuba ngowokuqala ukuba ngumpetha kulesi sisindo. ULerena ukleliswe endaweni yesibili kanti uLaggoune usendaweni ka-12, okunika le nsizwa yakuleli enerekhodi elihle ithuba lokuhamba naso isicoco.
ULerena, oneminyaka engu-28, usanda kuzidlela amahlanga ngesikhathi equmba phansi uPatrick Ferguson waseMelika ngomzuliswano wesihlanu empini yabo ebingoDisemba 19.
Nokho akumele akufake ekhanda uLerena ukuthi uzozihubuluzela isobho nakuLaggoune ngoba lokho kungagcina kumenza angazinikeli uma eselungiselela le mpi bese ephoxeka eringini.