UZulu ufane nengane ebuyela ekhaya efika kuMaZulu FC

UZulu ufane nengane ebuyela ekhaya esika kuMaZulu
UPhilani Zulu
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

UPhilani Zulu waMaZulu FC uthi kubasize kakhulu ukudlala kwiMTN 8 neCape Town City FC yize beshayiwe kulo mdlalo ngempelasonto.

Usuthu lushaywe ngo 2-1 yiCitizens ngeSonto kwiMTN 8 kodwa uZulu uthe sebebheke umdlalo omkhulu abazowudlala neMamelodi Sundowns.

AmaZulu azovula imidlalo yeDStv Premiership ngokubhekana namaBrazilians eLoftus Stadium, ngoLwesihlanu ntambama.

“Lo mdlalo esizowudlala neSundowns, singabadlali sesiwulungiselele kahle,”kusho uZulu osayine oSuthwini esuka kwiKaizer Chiefs.

“Sithathe okuhle kuphela kulo mdlalo ebesiwudlala neCape Town City, yize umphumela ungazange ukhombise obekwenzeka emdlalweni.

“Okuningi okuhle esikuthathile sizoqhubeka nakho sikwenze, silungise namaphutha okuyiwona asivimbe ukuthi singaphumeleli.

“Lo mdlalo esizowudlala neSundowns amalungiselelo awo ahamba kahle wonke.” UZulu ungumdlali onamava kakhulu ngoba ubekhona iChiefs idlala kwiCAF Champions League ka-2021.

Ufike kuMaZulu ngemuva kokungavuselelwa kwenkontileka yakhe kuMakhosi. Ngabe useyazama ukungena
esitayeleni soSuthu?

FUNDA NALA: UParker uhlose ukuqhulula inqwaba yamagoli kule sizini

“Indlela abadlali abangemukele ngayo, ngingasho ukuthi iyona eyenze izinto zibe lula nokuthi ngibone ukuthi iqembu lisebenza kanjani… nokuthi iyiphi indlela yabo yokudlala.

“Abanye babo bengivele ngibazi, ngizwana nabo, ngakho kuvele kwalula kimina. Nabaqeqeshi basizile ngendlela yabo, bangenzela izinto zalula.

“Benze ngakwazi ukuqonda indlela okusetshenzwa ngayo nokudlalwa ngayo lapha,” kubeka uZulu.

AmaBrazilians iwona avikela isicoco seligi, kanti azofika kulo mdlalo wawo noSuthu eshayela phezulu ngemuva kokushaya iChiefs ngo 2-1 kumaphenathi emdlalweni weMTN 8.

Usuthu lona luqede endaweni yesibili kwilogi yePremiership ngesizini edlule. Lo mdlalo ungoLwesihlanu ngo-5 ntambama.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.