UZulu uyingxenye yabayisikhombisa abangasadingeki eNaturena

UZulu uyingxenye yabayisikhombisa abangasadingeki eNaturena
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

IKaizer Chiefs seyikuqinisekisile ukuthi kunabadlali abayisikhombisa abakhonjwe abafika ngayo eNaturena njengoba bengasadingeki kuleli qembu. Abanye babo bekulindelekile ukuthi bazokhululwa kwazise bebevele belizwa ngendaba ijezi, kanti abanye bebenethemba lokuthi umqeqeshi omusha uzobagcina.

Phambili kwabahambayo nguWillard Katsande obeseneshumi leminyaka ekuleli qembu laseSoweto. UKatsande ayizange ivuselelwe inkontileka yakhe.

Ubenikwe eyenyanga eyodwa ukuze adlale kowamanqamu kwiCAF Champions League kodwa kwacaca uma esekhishwa kuwo ukuthi uhambo lakhe naleliq qembu salufike ekugcineni.

Impempe ibikile ngempelasonto ukuthi ukukhululwa kukaCole Alexander kwi-Odisha FC e-India kusho khona ukuthi uKatsande uzodedelwa ngoba badlala ngendlela efanayo.

Kodwa ngenxa yokuthi u-Alexander ubesesebenze noStuart Baxter kwiSuperSport United nakwi-Odisha kumenza abe nethuba elingcono. U-Alexander uqinisekiswe ngoLwesibili njengomdlali weChiefs, kwabe sekuvezwa nokuthi uKatsande uyahamba.

UPhilani Zulu kufanele ukuthi ubezitshela ukuthi angase aphinde anikwe elinye ithuba kodwa naye ugcine echithiwe. Ukusayinwa kukaKeagan Dolly yikho okuqede wonke amathuba okuthi uZulu ubengagcinwa. UZulu ufike kwiChiefs ngo-2017 esuka kwiMaritzburg United kanti udlale imidlalo engu-98, washaya amagoli amane.

UKgotso Moleko nonozinti uBrylon Petersen nabo bachithiwe kanti oLazarous Kambole, Siphosakhe Ntiya-Ntiya noYagan Sasman bona bafakwe emakethe. Amaqembu abafunayo angabathola ngokubaboleka noma abathenge ngokugcwele.

FUNDA NALA: Uzoteta ishumi emhlane uDolly uma esegijima kwiChiefs

“Iqembu lifisa ukubabonga bonke laba badlali ngabakwenzele iKaizer Chiefs kulamasizini adlule. Singambalula uWillard Katsande obesehlale ishumi leminyaka, ehlezi ezinikele.

“Ubehlezi ewenza ngenhlonipho umsebenzi wakhe futhi ehlezi ekulungele futhi ekulindele ukulwela iqembu. Siyamhlonipha. Bahambe kahle futhi sibafisela okuhle,” sisho kanje isitatimende seqembu.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.