UZulu uzibona ebusisekile ukudlala ngaphansi kukaHunt kwiChippa

UZulu uzibona ebusisekile ukudlala ngaphansi kukaHunt kwiChippa
UVeluyeke Zulu
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Usadlale imidlalo emibili nje kuphela kwiChippa United kodwa uVeluyeke Zulu usephenduke undabamlonyeni.

Akulona nje igama lakhe elingajwayelekile elimenza isilomo kodwa nendlela adlala nayo esimenze waqokwa njengomdlali ovelele kuyo yomibili imidlalo yeChippa.

UZulu uqokwe njengomdlali ovelele iChippa ishaya iSekhukhune Unite dngo 1-0 emdlalweni wayo wokuqala kwiDStv Premiership ngempelasonto.

Nguye owashaya leli goli lokuwina ekubeni wayedlala okokuqala kwiChilli Boys, kanti nasemuva wayevale thaqa.

Uphinde wavelela futhi eqinisekisa ukuthi iMamelodi Sundowns ayisondeli kalula emapalini angakubo ngoLwesibili emdlalweni wabo wesibili kule sizini.

Nakuwo lo mdlalo uphidne waqokwa njengomdlali ovelele. Uthe yena akukuningi akwenzayo kodwa wukulalelal nje bese enza lokho akutshelwa ngumqeqeshi uGavin Hunt.

“Ngibonga umqeqeshi,” kusho uZulu. “Mina ngenza lento asuke engitshele yona ukuthi angiyenze enkundleni.

“Ngicabanga ukuthi lokho kungilekelela kakhulu mina ngingedwa neqembu lilonke ukuthi silandele imyalelo yomqeqeshi.”

Uthi ubona lulukhulu azolufunda kuHunt kwazise unamava ebholeni lakuleli kanti usekhiqize nenqwaba yabadlali abasezingeni eliphezulu.

“Kuhle kakhulu ukusebenza nomqeqeshi ofana noHunt ngoba unamava amaningi kakhulu kulo mdlalo,” kusho lo mdlali oneminyaka engu-26.

“Mina kule minyaka engikuyo ngicabanga ukuthi uma ngimlalela ngizokhulula kakhulu ngigcine nginamava nami.

“Usewine izindebe eziningi futhi kuningi engizokufunda kuye. Ngijabulea kakhulu ukuthi ngisebenze ngaphansi komqeqeshi ofana naye.

“Into engiyifisayo wukuthi iqembu lizuze kakhulu, lingazitholi selikulesi simo ebelikuso ngesizini edlule.

“Ngakho silapha ukuzosebenza kanzima ukuthi sigcine sesiyiqembu eliwina izindebe.

FUNDA NALA: Uthatha isibhakela usifaka emakhaya uVilakazi weSiyathaba Boxing Promotions

“Asifuni ukuthi silwele ukungena emaqenjini aphezulu kwiligi, kodwa sifuna ukuwina izindele. Yilokho esikulwelayo.”

UZulu, odabuka Olundi enhla neKwaZulu-Natal useke wachaza nangegama lakhe wathi akasexwayi uma abantu belibabaza.

“Njalo uma ngitshela umuntu igama lami, uvele ahleke nje. Sengikujwayele ke nokho lokho angisakuxwayi nakancane,” uchaze kanje.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.