UZuma ubona kuzoba nzima kwiChiefs ukudlala neRichards Bay

UDumisani Zuma weKaizer Chiefs uthi akakabi umqemane ngokwanele njengoba ephuma ekulimaleni

SIHLE NDLOVU

UDumisani Zuma weKaizer Chiefs uthi kuzoba nzima kakhulu ukudlala neRichards Bay FC emdlalweni weNedbank Cup Last 32 eFNB Stadium, ngeSonto ngo-5 ntambama.

IBay idlala kwiGladAfrica Championship kodwa uZuma wazi kahle ukuthi akumele balithathe kancane leli qembu uma bezimisele ngokudlulela phambili kwiNedbank Cup.

“Kunzima kakhulu ukudlala namaqembu asesigabeni esiphansi ngoba asinalo ulwazi oluningi mayelana nendlela adlala ngayo. Ngicabanga ukuthi kumele sigxile kule ndlela esiyijwayele yokudlala bese sizame ukuwina,” kusho uZuma.

IChiefs ishaywe yi-Orlando Pirates ngo 2-1 emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo. UZuma ubona umdlalo wabo neBay kuyithuba elihle lokuvuka bazithintithe.

“Ngicabanga ukuthi yithuba elihle kithina, njengoba sishayiwe emdlalweni odlule, ukubuyela emgqigqweni wethu. Ngicabanga ukuthi kuzoba kuhle kubadlali abangadlali, mhlawumbe bazothola ithuba lokudlala,” kubeka uZuma.

Lo mdlali akayiqalanga kahle isizini njengoba ebelimele. Nokho useyangena kweminye imidlalo esuka ebhentshini selokhu eluleme.

“Angiwona umqemane ngokuphelele kodwa ngiyasebenza kanzima. Kungekudala ngizobe sengikulungele ukudlala njalo,” kusho yena.

IChiefs izoba nemidlalo eminingi emasontweni ezayo njengoba izodlala neCAF Champions League esisesigabeni samaqoqo. UZuma uthe kumele bazibambe ziqine njengeqembu.

“Kuzoba nzima njengoba imidlalo izoza ilandelana. Nokho okubalulekile kithina ukuthi senze izinto ngendlela ukuze sikwazi ukudlala yonke imidlalo esizobhekana nayo,” kuphetha uZuma.

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.