UZuma ubona ziqhakaza izinto kwiChiefs ngaphansi kukaZwane

UZuma ubona ziqhakaza izinto kwiChiefs ngaphansi kukaZwane
UDumisani Zuma
OkaDonga Gumbi 

UDumisani Zuma ubuye ngesikhathi esihle kwiKaizer Chiefs seyiqeqeshwa u-Arthur Zwane obavumelayo abadlali ukuthi basebenzise amakhono abo ngokukhululeka.

Phela uZuma ungumdlali osebenzisa ijubane nomjiko ukuzivulela indlela bese akhela ozakwabo amathuba okushaya amagoli. Naye futhi uyayishaya inethi uma ithuba limvuma.

Useke waba nezinkinga eziholele ekutheni iqembu ligcine limmisa isikhashana kanti kukholakala ukuthi zisuka ekutheni ubengeneme ngendlela obekudlalwa ngayo phambilini.

Ubonakale okokuqala esikhathini esicela onyakeni ngesikhathi iChiefs ishaywa yiStellenbosch FC ngo 1-0 ngempelasonto edlule. 

“Bekumnandi ukuphinde ngibe senkundleni,” usho kanje uZuma ekhuluma nabeChiefs. “Bese kuphele cishe izinyanga eziyishumi ngingadlali.

“Ngibe nakho ukusaba okuncane kodwa emizuzwini eyishumi yokugcina bese ngidlulile lapho yonke into seyibuyele esimweni esifanele.

“Ibhola lokuqala engilitholile ngivele ngacabanga ukuthi kumele ngingenzi izinto eziningi kodwa ngivele ngisheshe ngilidlulise ukugwema amaphutha.

“Kodwa ngokuhamba kwesikhathi bese ngikhululekile ngabuyela kulo Zuma abantu abamaziyo,” kuchaza uMsholozi.

Yize iStellies siwukhiphile ushukela enjabulweni yakhe yokubuyela enkundleni ngokuvulela isibhaxu, indlela abadlale ngayo imnike ithemba lokuthi bazovulela isibhaxu emdllaweni olandelayo.

FUNDA NALA: UNcikazi uyakwazi okumele akuzuze ukuze anikw eiPirates ngokugcwele

IChiefs izogadulisana neGolden Arrows emdlalweni weDStv Premiership owahlehliswa ngoDisemba ePrincess Magogo Stadium KwaMashu ngo 3 ntambama.

“Besifuna ukuwuwina lowa mdlalo… sidlale kahle impela futhi lokho sizoqhubekela nakho emdlalweni olandelayo enginethemba elikhulu lokuthi sizowuwina.

“IGolden Arrows yasishaya ekhaya eGoli futhi nathi sifuna ukuyoyishayela kubo eThekwini. Siyayazi ke kodwa iGolden Arrows ukuthi iyathanda ukuhlala emuva bese isizuma.

“Kuzoba wumdlalo onzima kodwa siwulungele.” IChiefs seyilwela ukubuyisa isithunzi ngokuthi okungenani iqede endaweni yesibili kwiligi.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.