UZuma ufisa ingenziwa kanye ngonyaka imidlalo elwa nobulelesi eNkandla

UZuma ufisa ingenziwa kanye ngonyaka imidlalo elwa nobulelesi eNkandla
Owayengumengameli wakuleli uJacob Zuma nabanye ababehambele imidlalo yaseNkandla ngempelasonto
Sihle Ndlovu

Owayengemengameli waseNingizimu Afrika, uJacob “Gedleyihlekisa” Zuma, uthi yonke iminyango kahulumeni kumele ibambisane ekuliswaneni nobelelesi.

Usho lokhu ngesikhathi kuneSport Against Crime, emidlalweni ebiseNkandla ngempelasonto. UZuma uthe ujabule kakhulu ngokuthi intsha izimbakanye kule midlalo enhlobonhlobo.

UZuma ufike kule midlalo kusukela ekuseni kwaze kwaba ntambama. Bekudlalwa unobhutshuzwayo, inetball kanti bekukhona neqembu ebelibunjwe abasakazi nabanye ozaziwayo.

“Uma sizimisele ngokuqoqa intsha ukuthi ibe ndawonye le midlalo ayingabi kanye ngonyaka,” kusho uZuma.

“Uyabona nje lo mnyango ohlela lokhu uyahlupheka, uhlela lokhu nalokhu uze ubuye kanye ngonyaka. Uma iminyango ingahlangana yakhe isikhwama sokuthi siqeda ubulelesi entsheni, asikwazi ukukwenza ngokukhuluma nabo kanye ngonyaka.

“Umbono wami lona ngiwuphathisa nakozakwenu ufike ubatshele. Singabunciphisa ubugebengu uma mhlawumbe le midlalo enjena iphindwa kabili ngonyaka.

FUNDA NALA: U-Erasmus iyamthimulisa indaba yomqeqeshi weBafana ongakholelwa kwabakuleli

“Kodwa uma isihlangene yonke kahle iminyango singeza ngisho kathathu. Angithi kumele sigcine intsha imatasa idlala, yenza konke okuhle, sinqenani pho ukuchitha imali ngalokho.

“Umbono wami nje lo. Ngiyazi ukuthi uma umbono usukhulunywa yindoda edla upoyinandi njengami nje awukwazi ukuwela phansi, uzoba yiqiniso. Yinhle into eniyenzile nayo yonke imidlalo eniyidlalile.”

Le midlalo beyihlelwe yiKwaZulu-Natal Department of Community Safety and Liason. Nokho uZuma ugcizelele ukuthi yonke iminyango kumele isizane kumbandakanya noweZemfundo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *