UZuma usemnyango kwiChiefs, uzoqondiswa izigwegwe

UZuma usemnyango kwiChiefs, uzoqondiswa izigwegwe
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter 

IKaizer Chiefs seyithathe isinqumo sokumisa umdlali wasesiswini uDumisani Zuma.

Lo mdlali umiswa nje kulandela ukuthi uboshelwe ukushayela edakiwe ngesonto elidlule.

“IKaizer Chiefs iphoxekile ngokuvela kwezinsolo zokungaziphathi kahle kukaDumisani Zuma njengoba kubikiwe abezindaba.

“Ngakho iqembu selithathe isinqumo sokuthi amiswe kuzona zonke izinto ezihlangene neqembu, kube kuqhubeka uphenyo lwangaphakathi,” kusho isitatimende esiphanyekwe yiChiefs kwi-website yayo.

“Ukumiswa kwakhe kuzosiza zonke izinhlangothi ezithintekayo, futhi akusho ukuthi usezovele atholakale enecala manje nomake kuthathwe isinqumo ngodaba lungahlalelwanga phansi.

“Iqembu lizoqinisekisa ukuthi udaba luxazululwa ngokushesha nangendlela okuyiyona.”

Impempe ike yakubika ukuthi lo mdlali angase akhonjwe indlela kuleli qembu kwazise ubeseke wakhuzwa kulo mkhuba omubi. Funda lolu daba lapha: Angase axoshwe kwiChiefs obeshayela edakiwe

Kuthiwa kuxoshwa uSiphelele Ntshangase nje ngesizini edlule babekade beshomene naye, yena wasinda ngokuxwayiswa.

FUNDA NALA: U-Anas ukhihla isililo ngokusolwa ngesiqalekiso sezembe

Kodwa njengoba esephinde wenza icala elifanayo nje kungenzeka angabe esasinda kulokhu kodwa akhonjwe indlela afika ngayo.

Phela iChiefs isikhathele wukuthi igama layo lihudulwe odakeni ngabadlali abangakwazi ukuziphatha.

Yakwenza okufanayo naku-Emmanuel Letlotlo owayehlale ekumaphephandaba angeSonto enikizwa amantombazane okuthiwa wayelala nawo ngapha nangapha.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.