UZuma uthi isibhaxu esatholwa yiChiefs kwiWydad sayivula amehlo

UZuma uthi isibhaxu esatholwa yiChiefs kwiWydad sayivula amehlo
UDumisani Zuma
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Umdlali wasesiswini weKaizer Chiefs, uDumisani Zuma uthi isibhaxu sika 4-0 abasigaxwa yiWydad Athletic ezigabeni eziphansi kwiCAF Champions League sabavula amehlo. IChiefs yahlangabezana nale mbibizane esigabeni samaqoqo emdlalweni owawuseBurkina Faso.

Ngaleso sikhathi iChiefs yayingavunyelwanga ukungena eMorocco, umdlalo wathuthelwa eBurkina Faso, Amakhosi abuya ezikhotha amanxeba. Kodwa kwawasiza lokho ngokubona kukaZuma. IChiefs yawuwina ngo 1-0 umlenze wasekhaya kodwa iWydad yayithumele iqembu elingaqinile kuleli.

“Umdlalo owaba nzima kakhulu ilo esawudlala neWydad ekuhambeni,” kusho uZuma. Lowa mdlalo wasivula amehlo sabona ukuthi ‘yazi yini, kuyasetshenzwa lana’.” IChiefs yabuye yadlula kuyo iWydad esigabeni semidlalo eyandulela owamanqamu.

Yawina ngo 1-0 ekuhambeni eMorocco eStade Mohammed V eCasablanca la kuthiwa iWydad ayidedeli lutho khona. Yabuya ekhaya yababamba ngo 0-0, yadlula kanjalo ukuya kowamanqamu.

IChiefs isizobhekana nezinkunzi zase-Egypt, i-Al Ahly kowamanqamu kuyo le nkundla yeWydad ngoMgqibelo ebusuku. UZuma uncome ukuimisela kwabo okubafikise kuleli zinga.

“Bobabili (iWydad) beneHoroya bebenamarekhodi amahle ekhaya kodwa sakwazi ukudlala kahle nabo sadlula kubo. Sonke besisizmisele. Mhlawumbe uMdali osinikeza lo mqhudelwano ngoba sidlule ezimweni ezinzima. Sinethemba ukuthi lesi yisikhathi sethu sokuphumelela kulo mqhudelwano.

“Into enhle ngathi wukuthi sihlezi sibambisene. Ngiyethemba kuyophela umdlalo wangoMgqibelo sisanomoya ofanayo wokulwa sikwazi ukujabulisa abalandeli bethu.

“Siyazi singabadlali ukuthi asidlaleli thina kuphela kodwa wonke umuntu wakuleli, imindeni yethu, thina uqobo, usihlalo weqembu nabalandeli bonke. Ngiyethembisa ukuthi mina nozakwethu sizozimisela kakhulu ngoba siyazi ukuthi yini esizoyizuza uma siwina.

FUNDA NALA: IChiefs seyiqalile ukuthungisa amajezi anenkanyezi

“Into engangiyisho wukuthi iChampions League isihambele kahle okwamanje. Ngiyakhumbula ukuthi kusuka siqala awukho umdlalo engingathi wawulula. Into esisize kakhulu wukuthi amaqembu amaningi esidlale nawo abesithatha kancane.

“Kodwa thina njengeKaizer Chiefs besikwazi esingakwenza. Lokho kusenze sazinikela kakhulu. Ngisho imiphumela isiphika kodwa besiwakhipha wonke amangwevu.

Ngijabule kakhulu ngokuthi sikwazile ukuhamba size sifike la sikhona manje kowamanqamu. Bekungelula. Uma ubheka indawo ebesikuyo kwiligi, kodwa besazi ukuthi leli qembu esinalo like lacishe lawina iligi. Besazi ukuthi iqembu lingakwazi ukwenza noma yini.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.