UZuma uthi uyawubona umehluko yize besafunda isitayela somqeqeshi kuChiefs

Sibongiseni Gumbi

Ukubuyela enkundleni kukaDumisani Zuma yinto cishe iningi labalandeli beKaizer Chiefs, ebeliyibheke ngabomvu kwazise uyaye alitakule sekunzima iqembu.

UZuma usethembise ukuqhubeka asize iqembu kanti uthi isimo asisibi ngendlela abaningi abacabanga ngayo. Uthe Amakhosi azosuka maduze nje kule ndawo embi akuyo njengamanje kuDStv Premiership.

Lo mdlali oneminyaka engu-25 udlale okokuqala kule sizini ngesikhathi iChiefs ihlulwa yiSuperSport United ngo 2-1 ngoLwesibili ebusuku. Ucishe wenza omkhulu umehluko eqeda kungena nje ngesiwombe sesibili, nokho kukhombisile ukuthi sekunesikhathi yaligcina ijoka njengoba evele walibhamuza phezu kwamapali ibhola esendaweni enhle yokushaya igoli.

“Ngingathi ngiziwa ngikahle kakhulu, nomzimba wami usululeme. Nokulimala obekungikhungethe sekudlulile. Ngibonga abaqeqeshi ngokuba nesineke ngesikhathi ngilimele futhi nginezinkinga ebengibhekene nazo,” kusho lo mdlali odabuka eMgungundlovu.

Ngethuba aligejile ebelizonika Amakhosi iphuzu elibalulekile, uZuma uthe: “Mhlawumbe angizange ngilikale kahle ibhola ukuthi lizofika kanjani. Bengisazama ukujwayela isimo senkundla ngesikhathi ngithola ithuba kokushaya igoli, yilokho okungilimazile.”

Kungenzeka uZuma aqale umdlalo ngoMgqibelo ebusuku uma sebebhekene neBloemfomtein Celtic eFNB Stadium.

“Ngomunye futhi umdlalo ozoba nzima impela lowo. Nangesizini edlule basithwalisa kanzima impela. Badlala kahle kakhulu okufakazelwa wukuthi bebesanda kudlala kowamanqamu kuNedbank Cup, nakhu futhi kade bekoweMTN8. Banzima impela kodwa lona ngumdlalo okumele sijike ngawo izinto. Indlela esidlala ngayo iyathuthuka impela njengoba kubonakalile kule midlalo emibili edlule. Kumele siyibambe lapho nje manje,” kuchaza uZuma.

Uthe akukabi yisikhathi sokuthi kube nokukhathazeka kwazise isizini isanda kuqala kanti nabo basajwayelana nomqeqeshi omusha uGavin Hunt.

“Kusasekuseni kakhulu. Sinomqeqeshi omusha futhi sisazama ukujwayela isitayela sakhe sokwenza izinto. Kodwa indlela engibona ngayo, sesidlala kahle kakhulu futhi ngiyacabanga sizoqhubeka senze kahle ukusuka manje kuya phambili.”