UZuma weChiefs uhamba ezinyathelweni zikaZongo

UDumisani Zuma
Sihle Ndlovu

UDumisani Zuma weKaizer Chiefs ulengela esimeni agcine ezithola ekusona uMasibusane Zongo, obehlupha njengaye ngokuthanda ubumnandi notshwala.

Ngaphandle kwekhono elimangalisayo abenalo uZongo, ugqigqe amaqembu amaningi kodwa abefike angahlali kuwona ngenxa yokuhluleka ukuziphatha nokuhlonipha umsebenzi.

Phakathi kwamaqembu ake walunguza kuwona uZongo singabala iSuperSport United, Vasco da Gama, Bidvest Wits, Chippa United, Platinum Stars neRoyal Eagles.

Kuwo wonke la maqembu lo mdlali ubengahlali ngoba ekhonze impilo yasebusuku notshwala. Alikho iqembu elimdedele ngoba lithi akayena umdlali elimdingayo.

Ukuba nekhono kukaZongo kubonakaliswa wukuthi wake wabizwa ukuthi azokwenza inhlolokhono kwiTottenham Hostspur, okungelinye lamaqembu ahlonishwayo e-England, kwi-English Premier League.

Njengamanje uZuma ubukeka engafuni ukuhlulwa wuZongo ngokungawuhloniphi umsebenzi nokuthanda utshwala. Kungekudala lo mdlali uke waboshelwa ukushayela ephuzile nokuyinto eyenze iChiefs ukuthi imumise kuzo zonke into ezithinta iqembu.

Akugcinanga kodwa lapho ngoba leli qembu laseNaturena lithathe lo mdlali lamusa lapho kuhlunyeleliswa khona labo abasuke benenkinga yophuzo oludakayo.

Ngesikhathi iChiefs ibhekene neStellenbosch FC eKapa, abalandeli beChiefs bamemeze igamala likaZuma befuna angene okokuqala kule sizini. Nangempela ungenile wadlala kulo mdlalo yize iChiefs igcine ishaywe ngo 1-0.

Ubekhona futhi uZuma waze washaya igoli lokubika ngesikhathi iChiefs ishaywa yiCape Town City ngo 2-1 ngempelasonto. Nokho ngemuva kwemidlalo emibili ebuyile uZuma usephinde wamiswa futhi yiqembu.

IChiefs ikhiphe isitatimende ngoMsombuluko iqinisekisa ukumiswa kwalo mdlali naye onekhono eliyisimanga.

“Iqembu liphoxekile kakhulu ukuthi uDumisani Zuma usephinde wamiswa kuze kube uvela phambi kwekomiti eliqondisa ubugwegwe,” kusho isitatimende seChiefs.

“Ngenxa yalokho lo mdlali ngeke abe yingxenye yeqembu elizodlala neMarumo Gallants ngoLwesibili, futhi umisiwe kuzo zonke izinto zeqembu kuze kuphethwe icala lakhe.”

Kuyavela ukuthi uZuma uzobe esevela okwesine phambi kwekomiti leChiefs eliqondisa ubugwegwe. Kulokhu kubukeka ezokhonjwa eza ngayo ngoba iqembu selizame konke ukumsiza.

Uma egcina exoshiwe uzokuthola kunzima ukuthola iqembu ngoba useyaziwa ukuthi uyahlupha. UZuma uhamba ezinyathelweni zabadlali abafana noZongo, Jabu Mahlangu, Junior Khanye nabanye abavele balidakwa ikhono labo lebhola.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.