UZuma weluleke ‘oyongena ezicathulweni zakhe kwiCopenhagen

uSingh
ULuther Singh
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Umdlali waseNingizimu Afrika, uLuther Singh, welulekwe yinkakha uSibusiso “Rhee” Zuma, ngemuva kokusayina kwiFC Copenhagen yaseDenmark.

USingh usayine inkontileka yeminyaka emine naleli qembu laseDenmark. Lo mdlali obeseqenjini laseNingizimu Afrika lika-Under 23 ebeliyibambe kuma-Olympic, kubikwa ukuthi usayine ngo-R25 million kwiCopenhagen.

USingh ubedlalela iBraga yasePortugal abesehlale kuyona iminyaka emine kodwa elokhu ebolekiswa. UZuma uyahlonishwa kakhulu eDenmark ngenxa yamagalelo akhe esadlalela iCopenhagen.

“Ntwana, ngisanda kuzwa izindaba zokuthi ujoyine iFC Copenhagen. Ngiyajabula kakhulu futhi ngiyaziqhenya ngawe.

“Yidolobha elihle kakhulu kanjalo neqembu elihle, futhi bayayithanda iNingizimu Afrika,” kusho uZuma kwi-video ayithumelele lo mdlali.

“Kumele wenze isiqiniseko sokuthi uyalujabulela lolu hambo. Hlonipha abadlali, hlonipha iqembu, bese unike abalandeli lokhu abakudingayo. Ngikufisela inhlanhla mfowethu.”

UZuma unesichuse ahlonishwa ngaso ekomkhulu leCopenhagen. Kulesi sichuse ushaya uqethu okuyigoli elamenza waduma elishayela iCopenhagen.

Ngabe uthini kuSingh mayelana nalokhu? “Oh okokugcina ungakhohlwa ukuziqeqesha ekushayeni uqethu,” kuphetha uZuma ehleka.

USingh akakaze awadlalele amaqembu akuleli njengoba ehambe esemncane kakhulu. Ngesizini ka-2015/2016 ubedlalela iGAIS yaseSweden adlale kuyona imidlalo engu-36 washaya amagoli angu-11.

FUNDA NALA: Useyodlala kwiStellies ongayifuni nokuyibona iChiefs

Ngo-2017 udlulele kwiBraga B yasePortugal adlale kuyona imidlalo engu-52 washaya amagoli angu-14.

Ngo-2019 ubolekiswe kwiChaves adlale imidlalo engu-17 kuyona washaya amagoli amabili. Ngo-2019/20 ubolekiswe kwiMoreirense adlale kuyona imidlalo engu-21 washaya amagoli amathathu.

Ngesizini edlule ubebolekiswe kwiPacos Ferreira adlale kuyona imidlalo engu-27 washaya amagoli amahlanu.

Lo mdlali oneminyaka engu-24 ungomunye wabadlali okulindeleke ukuthi babe khona uma sekubizwa iqembu leBafana Bafana elizodlala imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2022.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.