UZungu kuzomthatha isikhathi ukuthola ijezi kwiDowns: Mngqithi

UZungu kuzomthatha isikhathi ukuthola ijezi kwiDowns: Mngqithi
UBongani Zungu useqalile ukujima kwiMamelodi Sundowns
Sbongs Gumbi

Kuzomele behlise imimoya abalandeli beMamelodi Sundowns abajahe ukubona ‘indodana yolahleko’ esanda kubuyela ekhaya uBongani Zungu edlala.

UZungu wethulwe yiSundowns njengomdlali wayo phambi kwabalandeli ngempelasonto edlule ngaphambi komdlalo wayo neKaizer Chiefs.

Ukubuyela kwakhe kuleli qembu kubajabulisile abalandeli kwazise bayawazi amava namangwevu alo mdlali oteketiswa ngelikaBen 10.

Nokho umqeqeshi uManqoba Mngqithi uthi kusekuningi okumele afike kukho uZungu ngaphambi kokuthi afakwe eqenjini eliqala imidlalo.

“Usekude impela ekutheni adlale uma ubheka ukuthi ubengekho ngesikhathi silungiselela isizini,” kusho uMngqithi ngalo mdlali.

“Kusenokuningi okumele akwenze ukuze afike ezingeni elifanele. Usenesikhathi eside engadlali kodwa sinethemba lokuthi uzosheshe akulungele ukudlala.

“Sifisa kube ngaphansi kwezinyanga ezimbili ngoba ungumdlali oziphethe kahle nozinikelayo futhi osebenza ngokuzikhandla.

FUNDA NALA: Usephenduke isethenjwa kwiSekhukhune olaxazwe yiChiefs

“Ukhombisa intshisekelo yokufika azosiza iqembu. Sesikubheke ngabomvu ukubona ukuthi wenza kanjani kulamaviki amane ezayo futhi siyethemba uzokwenza kahle,” kwengeza uMngqithi.

UZungu usayina kwiSundowns nje wayeke wamataniswa neChiefs kodwa kwabuye kwavela ukuthi leli qembu laseNaturena alizange lisifake isicelo sokumsayina.

UKeagan Dolly weChiefs nowayedlala noZungu phambilini kwiSundowns nakwiBafana Bafana uthe uZungu uzoyisiza kakhulu iSundowns.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *