UZungu ngeke eze kwiChiefs, usanezifiso ezinkulu phesheya

UZungu ngeke eze kwiChiefs, usanezifiso ezinkulu phesheya
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Ngemuva kokusayina uKeagan Dolly, abalandeli beKaizer Chiefs basale bekhotha izindebe njengoba bekulokhu kunamahlebezi okuthi noBongani Zungu angase amlandele.

Kodwa ngathi kuzomele behlise umoya, baneliseke ngalokhu abanakho ngoba uZungu akakezukubuya kuleli njengoba esafuna ukuzakhela igama phesheya.

Lokhu kuvezwe yimenenja yakhe lo mdlali, uBadara Wague ekhuluma nabeSoccer Laduma ngoLwesithathu. UBadara uthe uZungu usenenkontileka neqembu lakhe laseFrance, i-Amiens.

Futhi yize umoya wakhe ungaselkho kuleli qembu elidliwe yizembe ngesizini edlule qede lashiywa yinqwaba yabadalli abanohlonze, kodwa uZungu uzobuyela kulo.

“Ngicabanga ukuthi into edale ukudideka wukuthi ngesikhathi uBongani ebolekiswa kwiRangers ngesizini edlule, i-Amiens ayizange ikuveze ukuthi iyelulile ngonyaka inkontileka yakhe.

“Ababaningi abebazi ukuthi inkontileka yakhe iphela ngo-2022 hhayi ngo-2021,” kuchaza uWague. Enye into eqinise izinsolo zokuthi uZungu angase aye kwiChiefs wukuthi kumanje ukuleli.

Kuke kwanamahlebezi okuthi akasafuni ukubuyela eFrance kanti uzama ukuthi leli qembu lakhe limxoshe noma kiyinqamule inkontileka ngokuthi alove. Kodwa uWague uthe inkinga yimithetho yokuhambela amazwe eyenza kube nzima ukuthola iVisa njengoba kudlange iCoronavirus nje.

“Kunzima kakhulu ukuthi athole i-visa bese ebuyele eFrance, yingakho esaseNingizimu Afrika nje. Sicabanga ukuthi kuzothatha izinsuku ezilishumi ngaphambi kokuthi kulunge ngoba kwenziwa ngenye indlela ehlukile manje.

“Kuyiqiniso khona ukuthi akasenawo umdlandla wokudlala kwi-Amiens kule sizini, kodwa ke usenenkontileka futhi uzokuhlonipha lokho uma kufanele.

“Kodwa yena uyafisa ukushiya futhi maningi amaqembu akhombisa ukuzimisela ngaye. Ingqondo yakhe ayisekho nhlobo kwi-Amiens. Bonke abadlali abanohlonze balishiyile iqembu ngemuva kokudliwa yizembe kwiLigue 1.

“Ukudlala kulo selikwiLigue 2 akufani nasekuqaleni lisekwiligi enkulu ngoba izinhloso zeqembu sezishintshile. Kodwa ke uyayihlonipha i-Amiens ngoba yamnika ithuba lokuziveza kodwa ukudlala kwiLigue 2 akuyona into ayijabulelayo.”

Ebuzwa ngokuthi engavuma yini ukubuyela eNingizimu Afrika, kwiChiefs, uWague uthe kungenzeka kodwa hhayi njengamanje.

FUNDA NALA: Kunikwe izintwana ithuba kwiChiefs, kwiPirates dololo

“Kubalulekile lokhu. UBongani engabuyela eNingizimu Afrika, kodwa hhayi manje. Uyalithanda izwe lakhe futhi kakhulu. Kumanje uyalilandela ibhola lakhona futhi uyazi ngokunyuka kukaPatrice Motsepe ayophatha iCAF.

“Uyazi futhi nangokwenza kahle kwabaqeqeshi bakhe bakudala uPitso Mosimane noTRulani Mokwena emaqenjini abakuwo manje iMamelodi Sundowns ne-Al Ahly.

“Umfisele inhlanhla noDolly ngesikhathi esayina kwiChiefs. KOdwa okwamanje ngeke, mhalwumbe eminyakeni emibili noma emithathu ezayo kungenzeka (abuye). Usafuna ukubona yini angayizuza phesheya.

“Ukujabulelile ukubona kubuyela ekhaya omunye wabadlali abanethalente elihle, futhi mhalwumbe yilokho okwenzeke ekudidekeni ngaye. Njengamanje akukho engqondweni kaBongani ukubuyela eNingizimu Afrika,” kusho uWague.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.