UZungu ubafake umunwe esweni abalandeli beChiefs ngenkulumo yakhe

UZungu ubafake umunwe esweni abalandeli beChiefs ngenkulumo yakhe
UBongani Zungu ophelelwe yinkontileka kwi-Amiens SC yaseFrance
OkaDonga Gumbi

“Angikaze ngikuhalele ukudlala idabhi yaseSoweto,” usho kanje uBongani Zungu ngoLwesibili kanti le nkulumo yakhe ibacikile abalandeli beKaizer Chiefs.

La magama akhe awakhulume engxoxweni abenayo nabeMetro FM yenze abanye babalandeli beChiefs bacikeka ngendlela yokuthi babe sebenxenxa iChiefs ukuthi ingalinge imlande.

UZungu njengamanje akanaqembu kulandela ukuphela kwenkontileka yakhe kwi-Amiens SC eFrance la abesehlale khona iminyaka emine.

Umlandeli weChiefs, uMathews Ntanzi ubhale kanje kwiTwitter: “Saibona Kaizer Chiefs, noKaizer Motaung Junior ngiyacela ukuthi ningazihluphi ngoBongani Zungu.

“Nayi into ayisho emsakazweni, ‘Angikaze ngikuhalele ukudlala kwidabhi yaseSoweto’. Asibadingi abantu abanjena ukuba badlale eqenjini lethu.”

Akuyena yedwa ocikekile kanti abanye bagcine sebemchapha nangezinhlamba lo mdlali owayegijima kwiMamelodi Sundowns ngaphambi kokuya phesheya.   

FUNDA NALA: UGoss ukhala ngokungadlaliswa konozinti bakuleli kwiPSL

IChiefs ngelinye lamaqembu abekuvezile ukuthi anaso isifiso sokumsayina lo mdlali kodwa yena uthe ubengakezwa lutho oluvela kuyo.

Uthe iSundowns yiyona kuphela iqembu lakuleli elisakhulume nabaphathi bakhe iveza isiifiso sayo sokuthi abuye azodlala kuyo.

“Ngikhululekile. Yizikhathi esibaluleke kakhulu kimi lesi njengamanje. Ngifisa inkontileka engizoyisayina kube ngeyokugcina,” kusho uZungu ozohlanganisa u-30 weminyaka kulo nyaka. 

“ISundowns yilona kuphela iqembu eselike lakhuluma nabaphathi bami, namanje basakhuluma… Kukhona nabanye abasazama.” 

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.