UZungu useyilaxazile eyepolitiki, usezogxila kuMaZulu

UZungu useyilaxazile eyepolitiki, usezogxila kuMaZulu
USandile Zungu
Sihle Ndlovu

Umengameli waMaZulu FC, uSandile Zungu, udonswe ngendlebe ukuthi adlalele kude nepolitiki kodwa agxile ebholeni namanye amabhizinisi akhe.

Lokhu kuhlaluke ngesikhathi ekhuluma neTimesLive ngoLwesithathu, lapho eqinisekise khona ukuthi ngeke esazifaka embangweni kasihlalo we-ANC KwaZulu-Natal.

“Ngemuva kokuxhumana nabathile ngalolu daba nokucabangisisa kahle, senginqume ukuthi ngeke ngibe sembangweni noma ngikhankasele isikhundla esithile se-ANC KwaZulu-Natal,” kusho uZungu.

Emasontweni edlule kumangale abaningi ngesikhathi uZungu eveza ukuthi uzongenela umbango wokuba ngusihlalo we-ANC KwaZulu-Natal.

Kuvele ukuthi kukhona abamqondile bamnxenxa ukuthi akhankasele lesi sikhundla ukuze kuphele uqhekeko olukhona kule nhlangano eKZN.

FUNDA NALA: USamir useluleme, usefuna ukukokota emapalini futhi

Nokho abalandeli abaningi bebhola (ikakhulukazi boSuthu) babone lokhu njengokuhlanganisa izinto ezingahlangani kuZungu ofike kuMaZulu kwabonakala ekuqaleni kwesizini edlule.

Kuyacaca nokho ukuthi nalabo abaseduze kwakhe babone into efanayo njengoba eseshintshe umqondo mayelana nokuzifaka kwipolitiki.

“Ngibonga wonke umuntu ngaphakathi kwi-ANC, abaholi bamanje nalabo abeminyaka edlule, abalandeli baMaZulu, abaholi bomdabu nabezamabhizinisi kanjalo nabangani engixhumane nabo nokuholele ekutheni ngithathe lesi
sinqumo,” kubeka uZungu.

“Ngiyazithoba ngokungeseka kwabo nokungethemba abakukhombisile.” UZungu useke wakhuluma emisakazweni ehlukene mayela nokukhankasela isikhundla se-ANC emasontweni edlule.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.