UZungu usola ukuthi kunempimpi enamanga kuSuthu

Umengameli waMaZulu uSandile Zungu
Sdina Ngubo

Umengameli waMaZulu FC, uSandile Zungu, usola ukuthi kukhona umuntu ongaphakathi eqenjini okhipha izindaba zeqembu ngokungeyikho.

Ngeledlule kusabalale imibiko yokuthi Usuthu lungase lumkhombe eza ngayo umqeqeshi, uBrandon Truter, ngenxa yemiphumela engemihle nokuthi sekukhona noqhekeko eqenjini. Kuvele ukuthi uTruter usenqunyelwe ugwayi katiki  ukuthi awine umdlalo ozodlalwa AmaZulu neKaizer Chiefs kwiMTN8 kungenjalo uzokhonjwa indlela.

UZungu uthe amampunge wonke lawo futhi iyamcasula indaba yokuthi kukhulunye into engekho ngeqembu.

“Ayikho nje into efana naleyo. Empeleni nje umbhedo lowo futhi akukho ngisho uhhafu weqiniso kulokho,” kusho uZungu enkulumeni ekhethakile neMpempe.

“Nginesiqiniseko sokuthi kukhona umuntu ongaphakathi eqenjini okunguyena obhebhethekisa lokhu ngoba izintatheli ngeke zivele zisuke zibhale nje kungonakele lutho.

“Sisebenza kahle kakhulu noTruter futhi ngiyakuthanda ukuthi ungumuntu obonisekayo. Siya phambili manje asiyi emuva futhi siyakholelwa kumqeqeshi wethu. Asivele sixoshe umqeqeshi ngenxa yomphumela owodwa noma emibili engemihle, siyamnika ithuba.”

AmaZulu ahlulekile ukuwina emidlalweni emine edlule kanti kowokugcina ashaywe yiMamelodi Sundowns ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership. UZungu uphinde wakuphika ukuthi uke wahlangana noFadlu Davids obecija i-Orlando Pirates, ngenhloso yokuthi angene esikhaleni sikaTruter.

“Konke nje kungamanga futhi kuyacasula kakhulu. Asikaze sinqumele umqeqeshi ugwayi katiki futhi njengoba sengishilo sineme ngomsebenzi wakhe kuze kube yimanje. Asijabulile ngemiphumela yakamuva kodwa lokho akusho ukuthi sizoxosha umqeqeshi.

“Angikaze ngikhulume noFadlu Davids futhi akekho oseke wakhuluma naye eqenjini. Umuntu obengaba nomhlangano naye yimina kodwa njengoba ngisho nje akwenzekanga lokho.

“Alukho uqhekeko eqenjini futhi ngeneme ngabadlali esinabo. Uma ukhumbula kahle asikaze sitatazele ngoba nakhu kuzovala iwindi ngoLwesine olwedlule ngoba ngikholwa wukuthi iqembu lethu liqinile.

“Siyakhathazeka uma abadlali belimele kodwa leyo yinto eyenzekayo kuwo wonke amaqembu. Sidlale kahle sibhekene neSundowns futhi sasingawuwina umdlalo.”

AmaZulu ashaywe ompetha beligi ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership emasontweni edlule. Azobhekana neChiefs kowomlenze wokuqala weMTN8 eFNB Stadium, ngeSonto ngo-3 ntambama.

editor@impempe.com

 

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *