UZungu waMaZulu ucelela abalandeli ukuvunyelwa ezinkundleni

UZungu waMaZulu ucelela abalandeli ukuvunyelwa ezinkundleni
USandile Zungu
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Umengameli waMaZulu FC uSandile Zungu uthi sekuyisikhathi sokuthi abalandeli bebhola baseNingizimu Afrika bavunyelwe ukubuyela ezinkundleni.

Usho lokhu ngesikhathi kunesimemezelo sokuthi Usuthu luzobuyela ekudlaleni imidlalo yalo yasekhaya eMoses Mabhida Stadium.

AmaZulu njengamanje ayidlalela eJonsson Kings Park imidlalo yayo yasekhaya.

“Siyakholelwa ekutheni njengoba izinombolo zabatheleleka ngegciwane iCoronavirus sezehle ngale ndlela, kumele abalandeli babuyele ezinkundleni.

“Ngokusizwa abezindaba siyacela ukuthi imigomo yeCorona ithanjiswe, abalandeli babuyele ezinkundleni,” kusho uZungu.

“Nakanjani kumele abalandeli bagomele iCovid-19 futhi siyakugqugquzela kakhulu lokho. Bonke abantu abasebenzela AmaZulu bagomile.”

Akungabazeki ukuthi lokhu okushiwo uZungu kuzokwehla njengoju kubalandeli bebhola baseMzansi, osekunesikhathi eside bekhala ngokungayi ezinkundleni.

FUNDA NALA: UDladla ucacise ngokubamba kwakhe kwiSwallows

Mayela nokufudukela eMoses Mabhida Stadium, uZungu uthe bajabule kakhulu.

“Sonke kuMaZulu siyajabula ngokuzodlalela eMoses Mabhida. Sizimisele ngokukhokha imali ukuze siqhubeke nokudlalela kule nkundla ehamba phambili emhlabeni.

“Le nkundla sifuna kungayi lubuyayo kuyona. Sizowashaya amaqembu lapha futhi nawo kumele kube yinto ayaziyo leyo,” kuphetha uZungu.

Ngokwesivumelwano AmaZulu azodlalela eMoses Mabhida Stadium imidlalo eyishumi kule sizini.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.