Uzwa egazini ukuthi bazovulela induku kwiPirates oweStellies

Uzwa egazini ukuthi bazovulela induku kwiPirates oweStellies
Abadlali beStellenbosch FC
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter 

Uthembisa ukuthi bazoyithela induku i-Orlando Pirates emdlalweni weligi umqeqeshi weStellenbosch FC uSteve Barker.

La maqembu azotholana phezulu emdlalweni weDStv Premiership eDanie Craven Stadium eKapa ngoLwesithathu ngo-5.30 ntambama.

“Siyazi ukuthi iPirates inabadlali abahle futhi abangayiwinela umdlalo kalula.

“Ngakho ngeke sikubheke kakhulu ukuthi ifike ishise iphinde ibande kule sizini,” kusho uBarker.

“Okokuqala ngqa kule ligi yethu ngiya emdlalweni wePirates nginokuzethemba okukhulu ukuthi sizothola amaphuzu aphelele.”

IStellies ihambela phezulu selokhu kuqale isizini ka-2021/2022. Isendaweni yesibili kwilogi ngamaphuzu angu-21 ngemuva kwemidlalo engu-11.

Ishiywa yiMamelodi Sundowns ngamaphuzu amahlanu. IStellies neDowns abayazi induku selokhu kuqale isizini.

“Silahle amaphuzu amabili emdlalweni odlule. Ngicabanga ukuthi sidlale kahle futhi bekumele sithole okungcono kulo mdlalo.

“Sesibheke umdlalo omkhulu esizowudlala nePirates ngoLwesithathu.

“Kuzobe kuwumdlalo wethu wesithathu wasekhaya kulandelana.

“Sidlale ngokulingana kwemibili edlule, ngakho kubalulekile ukuthi sithole amaphuzu aphelele uma sesidlala nePirates.”

IStellies ibambane naMaZulu ngo 2-2 ngoMgqibelo yize ike yahamba phambili ngo 2-0 sekusele imizulu engu-20 ukuthi kuphele umdlalo.

Yiwo la maphuzu uBarker akhala ngawo ukuthi bawalahlile.

FUNDA NALA: U-Aubaas ubona sekuzoqonda konke kwiTS Galaxy

“Umehluko okhona kubadlali bethu kule sizini ukuthi banamava futhi sebekhulile.

“Babeke imiqondo kulokhu esikwenzayo futhi siyilungiselele kahle le sizini.

“Nokho into ebalulekile ukuthi siyawashaya amagoli.

“Akukona ukuthi sakha inqwaba yamathuba kodwa uma uqhathanisa nesizini edlule siqedela kangcono kakhulu.

“Besiwakha amathuba ngesizini edlule kodwa singawasebenzisi.

“Ngenhlanhla kule sizini siyawaqedela futhi ngifisa ukuthi lokhu kuqhubeke,” kuphetha uBarker.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.