UZwane akafune muntu ozosola oDu Preez noBimenyimana

UZwane akafune muntu ozosola o-Du Preez noBimenyimana
U-Ashely Du Preez weKaizer Chiefs noMakhehleni Makhaola waMaZulu FC

 

Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane uthi abangasolwa abagadli bakhe abahlulwe izimbuzi zamathuba oCaleb Bimenyimana no-Ashley Du Preez. 

Laba bagadli basolwe kakhulu ngemuva kokuyeka amathuba alula ngesikhathi iChiefs ibambana namaZUlu FC emdlalweni weMTN8 ngeSonto.  

UDu Preez nguye ohlulwe yithuba ebelilula kunawo wonke. Namanje abanye babalandeli beChiefs abakakholwa ukuthi uliyeke kanjani.

Abamanye amaqembu bona bahleka baze bacishe baqhephuke uma bebona ividiyo yaleli thuba eliyekwe yile nsizwa esencane.

Lo mgadli obegijima kwiStellenbosch FC ngesizini edlule uzithole ebhekene nonozinti woSuthu uVeli Mothwa.

Ube esededela ishodi kodwa walichitha uMothwa. Ngenhlanhla yakhe, ibhola labuye lawela phambi kwakhe uMothwa wasala elele. 

Bese kusele ukuthi alidudulele enethini nje kuphela yena, kodwa walibhamuza laze lacishe layophumela ngaphandle kweFNB Stadium.  

“Ungumfana ozikhandlayo, uqinile futhi emoyeni,” kusho uZwane uma ebuzwa ngokuthi uzizwa enjani lo mgadli wakhe. 

“Ungomunye wabafana engikholelwayo kubo. Sonke siyakholelwa kuye, siyazi ukuthi uzogcina esekwenza esikubheke kuye ngokuhamba kwesikhathi. 

“Futhi njengoba bengilokhu ngisho nje, ibhola umdlalo wamaphutha kanti kuyenzeka izinto zingahambi ngendlela ofisa ngayo. 

“Mina njengomqeqeshi into engingayenza ukuthi ngizame ukumvuselela, ngimsize azicije ukuze abe ngcono. Okuhle wukuthi ungumfana okusebenzekayo naye ngoba uyalalela.”

UZwane uthe laba bagadli bakhe akumele kuvikwe ngabo njengoba ukubambana naMaZulu kuqanise indlela yeChiefs eya kowamanqamu nje.

NoBimenyimana, obeye kulo mdlalo ethwelwe ngeqoma, uyeke amathuba amabili abelula kulo mdlalo abengasiza iqembu liwine. 

“Akufanele… Emdlalweni onjengalona uyawakha amathuba bes euyakora. Umdlalo wamaphutha lona. Umdlalo okufundisa ukuthi uhlale ulungisa amaphutha.

“Sekuzomele sisebenze kanzima ngokuphindiwe eThekwini ukuze sithole amagoli. Kodwa ngijabule ngendlela abadlali abazikhandle nngayo.

FUNDA NALA: ISwallows seyethule ozobambela uDyla Kerr emkhombe indlela

“Bekungaba kubi kakhulu ukube singene enkundleni asangawakha nglobo amathuba okushaya amagoli.

“Njengoba sengake ngasho naphambilini, sisayibambe ngakho. Ngeke ngitatazele manje ngoba nakhu sishwebe amathuba.

“Sakhe inqwaba yamathuba futhi sizoqhubeka sisicije ekuwaqedeleni kuze kube siyakwenza kahle lokho. Sizobuya ngamandla,” kuthembisa uZwane.

UMangethe uzokwethemba ukuthi laba bagadli bakhe bazokwenza kangcono uma ezakhe sezibhekene neSwallows FC.

Amakhosi azogadulisana nalabo makhelwane bawo emdlalweni weDStv Premiership eDobsonville Stadium ngoLwesithathu kusihlwa.

– Sbongs Gumbi

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *