UZwane akajahile ukudlalisa umgadli omusha kwiChiefs

UZwane akajahile ukudlalisa umgadli omusha kwiChiefs
UCaleb BImenyimana weKaizer Chiefs
Sbongs Gumbi

Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane useveze ukuthi akajahile ukuqalisa umgadli wakhe omusha uCaleb Bimenyimana imidlalo yize ekhala ngobuthuntu phambili.  

UZwane ukhale kakhulu ngokuthi abadlali ahlasela ngabo balihlinzela ezibini iqembu njengoba behlulwa ukuqedela amathuba abawakhayo.

NGemuva komdlalo odlule la bebambane khona ngo 1-1 neMarumo Gallants, usole kakhulu u-Ashly Du Preez ethi akakwenzanga abekutsheliwe.

Kodwa kuthe uma ebuzwa ngokuthi ngabe lokhu kusho ukuthi usezonika uBimenyimana isikhathi esithe xaxa sokudlala, wathi ngeke amxine lo mgadli wakhe odabuka eBurundi.  

“Umncintiswano wokulwela ukuqala imidlalo mkhulu kakhulu futhi unzima. Yena kumele sicophelele ukuthi uba sesimweni esifanele ngaphambi kokumdlalisa ngoba ubesenesikhathi eside agcina ukudlala.

“Umdlalo agcina ukuwudlala (ngaphambi kokujoyina iChiefs) wayeseqenjini lesizwe,” kuchaza uZwane ngalo mgadli wakhe odle ngethambo. 

“Sizama ukugwema ukuthi alimale uma singamdlalisa engakalungi ngokugcwele. Sizokwenza isiqiniseko sokuthi usekulungele kahle ukudlala ngaphambi kokumqalisa imidlalo.” 

FUNDA NALA: I-Arrows imbingelele ngenduku uKerr ebuyela ebhenthsini leSwallows

Okuhle wukuthi lo mgadli uveza izimpawu zokuthi uyakufuna ukusiza iqembu liqede indlala yamagoli esilenze laba sendaweni engeyinhle kwilogi yeDStv Premiership. 

“Ukhombisa ukukulambela ukudlala futhi sinethemba lokuthi kuzolunga maduze, ajwayele ukuze akwazi ukubhakuzisa inethi,” kusho uZwane.

UBimenyimana kungenzeka nokho athole isikhathi esithe xaxa sokudlala uma iChiefs seyibhekene neSuperSport United emdlalweni weligi ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *