UZwane akajahile ukuwina, ufuna kubuye ibhola leChiefs kuqala

UZwane akajahile ukuwina, ufuna kubuye ibhola leChiefs kuqala
OkaDonga Gumbi

Kuyacaca ukuthi ukuthi ubedla amazinyo kuthi akazijibe phansi u-Arthur Zwane ngesikhathi iKaizer Chiefs iqeqeshwa nguStuart Baxter obeyifaka ibhola lokuvele igijime ibheke phambili ijahe ukuwina.

Lokhu kuvele ngesikhathi uZwane ekhuluma ngemuva komdlalo wabo neStellenbosch abahlulwe kuwo ngo 1-0 ngoMgqibelo.

UZwane noDillon Shepard yibo ababambe ekuphekeni leli qembu kusukela kuxoshwe uBaxter phakathi neviki.

“Ngicabanga ukuthi sishoda ngokuba bukhali nje kuphela. Kodwa ke vele siqale ukucija iqembu ngoLwesine,” kusho uZwane obenganakwa uBaxter uma kuthathwa izinqumo yize ebeyiphini lakhe lokuqala.

“Sizama ukujika le ndaba yokuthi sibe nendlela eyodwa yokuhlasela. Uma sesisondela epalini lezitha kumele sibe nezindlela eziningi esizobamangaza ngazo.

“Kumele sidlale ibhola elikhangayo. KwiChiefs kumele kubonakale ngebhola layo, singaveli siwine nje kungabonakali ukuthi kanjani…

“Kumele siqinisekise ukuthi lokhu kwenzeka kuzo zonke izigaba zeqembu, ngisho emaqenjini ethu enkulisa kunendlela yeChiefs yokudlala kanti lokho kumele kwenzeke naseqenjini elikhulu.

“Akumele sidlalele ukuthi uma siwinile nje,” kuchaza uZwane. Uma kuzokwenzeka ngale ndlela afisa ngayo uZwane kuzomele anikwe isikhathi eside kunale midlalo embalwa esele kule sizini.

Phela kusamele akhiphe le ndlela yokudlala kaBaxter, bese egxilisa eyakhe okuyinto ezothatha isikhathi ukwenzeka ngoba kukhona abadlali abangezukusheshe bayibambe eyakhe.

FUNDA NALA: OweRichards Bay uthi akusekho nesikhathi selavathi njengamanje kwiGladAfrica Championship

Uthe indlela abadlale ngayo kwiStellies ikhombise ukuthi abadlali basesaba ukuveza amakhono abo.

“Ngokwengqondo kumele bathi ukuqina, futhi thina njengethimba labaqeqeshi kumele sibasize ekutheni behlise umoya bese bengasabi ukulahla ibhola.

“Yilokho abebekusaba. Umdlali uma engazethembi, uvele akhahlele ibhola enzele ukulisusa eduze kwakhe alibhamuze emoyeni.

“Uma ubheka abadlali baseNingizimu Afrika, bayathanda ukwenza okwehlukile ngebhola. Uma ubheka iChiefs njengamanje, uLeonardo (Castro) noSamir (Nurkovic) kuphela abakwazi ukudlala ibhola elihamba phezulu.

“Amagoli kumele siwakhe, aqhamuke emdlalweni kanti lokho kuzokwenzeka uma siyilawula imidlalo. Uma kwenzeka silithola igoli ebholeni elibekwe phansi, lokho kumele kube yibhonasi nje.”

Emdlalweni olandelayo iChiefs izobhekana neGolden Arrows eThekwini okuwumdlalo engakwazanga ukuwudlala ngoDisemba.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.