UZwane akeneme ngendlela edlala ngayo iChiefs kwiDiski Challenge yize iwina

Sihle Ndlovu

Uzwakale engeneme nakancane umqeqeshi weKaizer Chiefs, u-Arthur Zwane, yize iqembu lakhe lishaye iTS Galaxy ngo 3-2 emdlalweni weDstv Diski Challenge, ngoMgqibelo, eFNB Stadium.

Amagoli eChiefs ashaywe uHappy Mashiane, amabili, kwathi elinye labekwa enethini uKeletso Sifama. AweGalaxy ashaywe uNdumiso Xulu noMabena. Okungagculisi uZwane ukuthi badedele amagoli alula, kanti bakhe inqwaba yamathuba kodwa bahluleka ukushaya amagoli.

IChiefs bese iwina umdlalo wesithathu kulandelana selokhu kuqale isizini entsha yeDiski Challenge. UZwane uthe kumele babhukule ngoba akagculisekile ngendlela abadlala ngayo njengamanje.

“Sizenzele kwaba lukhuni kakhulu ukuwina umdlalo. Bekuwumdlalo olula kakhulu ukuwuwina ukuba besinalokho emqondweni. Sizenzele kwaba lukhuni uma ubuka indlela esidedele ngayo igoli lokuqala. Umdlali wethu udlale ibhola wase ezithela ngabandayo. Bekungathi uphasela umgadli ebhokisini ethi ‘shaya igoli’. Ngemuva kwalokho bafune ukugxeka unompempe,” kusho uZwane ngemuva komdlalo.

“Igoli lesibili umdlali udabule phakathi kwabadlali bethu abane, noma abahlanu, bashayisana bodwa. Lo mfana akazange abajike, omunye wabo bekumele athathe ibhola. Udlule kubona ngqo lo mfana ezihambela nje, manje kubukeka sengathi yigoli elihle kakhulu. Sibaphile nje igoli.”

UZwane uphinde wakhala ngamathuba abawalahlile, wathi bekumele bawine ngembudlu kulo mdlalo.

“Ngesiwombe sokuqala, emizuzwini eyishumi yokuqala, sithole amathuba amane amahle okugoqa umdlalo kodwa sehluleka. Sinenkinga, ngicabanga ukuthi kumele sibheke isimo sabadlali bethu. Ngiyaqonda ukuthi asizange sisithole isikhathi sokulungiselela isizini, ngakho kumele sisebenze kulokho. Uma ubheka sithole ukulimala emidlalweni, hhayi ngoba sikhahlelwa esisuke sidlala nabo kodwa ngoba asikho esimeni esikahle,” kubeka uZwane, ophinde abe yiphini likaGavin Hunt eqenjini elikhulu leChiefs.

Uncome abadlali abebeqala ukudlalela iqembu ngesikhathi bebhekene neGalaxy, wathi bazongena khaxa eqenjini ngokuhamba kwesikhathi. UZwane uthe kuhle impela ukuthi sebewine imidlalo emithathu kulandelana kodwa usemkhulu umsebenzi.

“Kuhle ukuthi bayawashaya amagoli. Indlela abadlala ngayo ngamunye yinhle kodwa okucacayo ukuthi siqoqa amaphuzu nje kodwa asidlali kahle,” kugcizelela uZwane.

Uphethe ngokunxusa abalandeli ukuthi baziphathe kahle ngamaholide kaKhisimusi “ngoba iCovid 19 isekhona futhi iyingozi”.