UZwane akeneme ngendlela edlale ngayo iChiefs ngoMgqibelo

U-Arthur Zwane
Sihle Ndlovu

Umqeqeshi weKaizer Chiefs, u-Arthur “10111” Zwane, uthi ayimjabulisanga indlela elidlale ngayo iqembu lakhe yize ligcine lishaye iSekhukhune United ngo 1-0 ngoMgqibelo.

Kulo mdlalo weDStv Premiership obuse-Ellis Park Stadium, iChiefs idlale kahle ngesiwombe sokuqala yaze yashaya negoli. Nokho ngesiwombe sesibili ibivika iSekhukhune ebesingena nezicabha ifuna igoli lokulinganisa.

“Ngesiwombe sokuqala sidlale kahle kakhulu siwuphethe umdlalo. Besingashaya igoli noma yinini yize singazange sakhe amathuba amaningi,” kusho uZwane.

“Sithole igoli kuyi free kick okuyinto esihlale siyenza uma siziqeqesha. Ngemuva kwalelo goli siqhubekile nokuba ngcono.”

Igoli leChiefs lishaywe uRamahlwe Mphahlele ngomzuzu ka-39. Nokho izinto zithande ukushintsha ngesiwombe sesibili.

“Sibuye sesehlile ngesiwombe sesibili futhi ububona ukuthi abanye abadlali bese bebanjwe amajaqamba. Kudingeke sikhiphe uKhama (Billiat) no-Alexander Cole. Ngisho uBernard (Parker) ubeseqala ukubanjwa amajaqamba,” kuchaza uZwane.

“Bekumele sifake abadlali abasebancane ngoba besazi bazosinika lowo mfutho ebesiwudinga. Ngicabanga ukuthi bekufanele sishaye amagoli amathathu, angineme ngendlela esidlale ngayo ngesiwombe sesibili.

“Abafana badlale kahle, kubafanele ukuwina. Kodwa ngiyaphinda ngiyasho ukuthi angijabulile nakancane ngendlela esidlale ngayo ngesiwombe sesibili. Okubalulekile nokho ukuthi siyayithola imiphumela noma sidlala ibhola elingagculisi.”

IChiefs izobhekana neSwallows FC emdlalweni wokugcina weDStv Premiership ngoMgqibelo ngo-3 ntambama. Ukuwina lo mdlalo kwaMakhosi kungase kuzijibe ehlathini iZinyoni.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.