UZwane akezukutatazeliswa yinduku yeSundowns

U-Arthur Zwane uthi ibafundise lukhulu iSundowns ibabhaxabula koweligi
Sbongs Gumbi

Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane uthi kube kuhle bathole le nduku abayithole kwiMamelodi Sundowns ngoMgqibelo ntambama.

ISundowns ivuthele iChiefs ngo 4-0 ovuthayo emdlalweni weDStv Premiership ePitori, yashiya abalandeli bayo befisa umgodi wokucasha.

Kodwa uZwane yena uthe uyayemukela induku yeSundowns futhi ubona kube kuhle beshaywe ngale ndlela ukuze benguleke ubulwembu.

“Luselude ukhalo olusihlalele futhi kube kuhle ukuthi siphenyeke izinqa ngale ndlela isizini isanda kuqala ngoba singakwazi ukufunda kulokhu bese sibheka phambili,” usho kanje uZwane ngemuva komdlalo.

UZwane ubebonakala engathukile futhi ezikhululekele nje ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo.

“Ukukhala ngeke kusisize ngalutho. Kumele sisebenze. Sizozinuka amakhwapha bese sibheka ukuthi yikuphi la kumele senze kangcono khona.

“Kuzogcina kulungile. Kulo mdlalo amaphutha ayenzeka futhi kufundwa ngawo. Sifunde lukhulu kulo mdlalo futhi sizothatha izifundo sizenze zisenze ngcono ngokuhamba kwesikhathi.”

Bekungumdlalo wesithathu uZwane engumqeqeshi ngokuphelele kwiChiefs. Kowokuqala washaywa yiRoyal AM, kwathi kowesibili washaya iMaritzburg United.

Iqembu ulibumbe kabusha njengoba kukuningi abafana abasebancane kulo. Yikho lokhu abalandeli okumele bakucabange ngaphambi kokugxeka.

“Besidlala neqembu elinabadlali abahle kakhulu futhi asebedlale ndawonye isikhathi eside. Bayakwazi ukukukhipha inkani esiswini.

“Sizamile ukumelana nabo. Bengingeke ngitshele abadlali bami ukuthi, ‘leli qembu lihlangene kahle ngakho kumele singalisukeli, kodwa sizihlalele emuva sivike’,” kusho uZwane.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.