UZwane, uBenni noma ithole omunye, sinzima isinqumo sabeChiefs

UZwane, uBenni noma ithole omunye, sinzima isinqumo sabeChiefs
UBenni McCarthy noSiyethemba Sithebe
OkaDonga Gumbi

Njengoba lugcine lugobile uphondo kubaphathi beKaizer Chiefs, balalela isikhalo sabalandeli ngoStuart Baxter manje sebehlalelwe isinqumo esinzima okumele basithathe.

Isinqumo lesi ngesokuthi ngubani ozonikwa lo msebenzi wokupheka iChiefs engelinye lamaqembu amakhulu kuleli.

Umsebenzi weChiefs awulula kwazise ingcindezi inkulu. Kodwa kulokhu sewunzima kakhulu njengoba sekuphele iminyaka eyisishiyagalombili izindebe lingazitholi.

Kulandela ukudedela uBaxter – obekungakapheli nesizini ebuyile – iChiefs ibe seyibeka u-Arthu Zwane noDillon Shepard ukuthi babambe kuze kuphele le sizini.

Imibono kubalandeli seyivele yehlukene ngokuthi ngubani okumele anikwe lo msebenzi wokuvuselela Amakhosi.

Kukhona abathi akwethenjwe uZwane, anikwe lo msebenzi ngokugcwele ngoba uyathembisa ukuthi kukhona eza nakho.

Nokho abanye bashaya amakhala ngaye, bathi akanawo amava afanele ukuhola leli qembu futhi lokho kungase kumlimaze.

FUNDA NALA: UMngqithi uthi ukubhayiziswa okwenzeke kwiPirates akusenzeki kwiSundowns

Asemaningi namagama abaqeqeshi asevezile kuthiwa yibona abangenza umsebenzi omuhle kwiChiefs.

Ebelihamba phambili kuleli viki ngelikaBenni McCarthy osanda kuxoshwa kuMaZulu FC abalandeli abaningi ababona engaba yisixazululo.

Kukhona nababona sengathi kungangcono iChiefs iphume kuleli iyofuna umqeqeshi osezingeni eliphezulu ozofike abe nesithunzi.

Abaphathi bathe bazokwazisa abalandeli ngokuzokwenzeka ngalesi sikhundla esesivulekile ngokuhamba kwesikhathi.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.