UZwane uchaza inkinga ka-Itumeleng Khune oxhuge engakadlali

UZwane uchaza inkinga ka-Itumeleng Khune oxhuge engakadlali
U-Itumeleng Khune weKaizer Chiefs

 

U-Itumeleng Khune uphinde wathola ukuthinteka nokuyinto eyophazamise kakhulu iKaizer Chiefs ezinhlelweni zayo.

UKhune ubesohlwini lwabazoqala umdlalo bebhekene neTS Galaxy eFNB Stadium ngoLwesithathu kusihlwa.

Nokho umdlalo uqale sekuvimbe uBruce Bvuma njengoba uKhune ubesethintekile ngesikhathi bezifudumeza ngaphambi komdlalo.

“Kuyishwa nje ukuthi u-Itu (Khune) uzizwe enobuhlungu edolweni ngesikhathi sizilungiselela ukungena enkundleni,” usho kanje uZwane.

“Ubebonane nodokotela wazitshela ukuthi kuzolunga. Kodwa udokotela ubuyele kimi wathi uma siqhubeka naye kuzobe simbeka engcupheni.

“Uma simhlola ubesabuzwa ubuhlungu ngakho bekumele singamxini. Bekumele simongele eminye imidlalo ezayo,” kuchaza uZwane.

Kuzocaca ngokuhamba kweviki ukuthi uKhune uzobe eseluleme ngokwanele yini ngempelasonto njengoba iChiefs inomdlalo obalulekile nje.

Amakhosi azogadulisana naMaZulu FC emdlalweni womlenze wesibili kweyandulela owamanqamu kwiMTN8 eMoses Mabhida Stadium eThekwini ngeSonto.

UBrendon Petersen yena ubenikwe ikhefu njengoba isithandwa sakhe sizobeletha maduze nje. Cishe uma uKhune egcina ngokungelulami uzobuyiswa.

Yize uBvuma noPetersen bengonozinti abakhaliphile, kodwa abakafiki ezingeni likaKhune okwaziyo nokuyalela izitobha ukuthi zigade kuphi nakanjani.

UZwane uthe bebewuqale kahle lo mdlalo kodwa wacishe wabalahlekela ngenxa yokuthi babuye badembesela.

Usole ukuthi abanye babadlali bese bebeke imiqondo yabo kulo weMTN8 sebesaba ukulimala nokuthola amakhadi okungabavimba bengadlali ngeSonto.

“Siqale kahle kakhulu. Besiwuphethe umdlalo emizuzwini engu-20 yokuqala sashaya negoli,” kusho uZwane ngemuva komdlalo.

“Kodwa ngemuva kokushaya igoli siphinde sehlisa isivinini. Bese sizitshela ukuthi umdlalo uzosivuna njengoba besibahlakaza kalula.

FUNDA NALA: Ngabe inqola seyikhumuke amasondo njalo kwiRoyal AM?

“Kunamathuba amahle esiwatholile kodwa asangawasebenzisa. Sibe sesibanika ithuba lokuhlala ebholeni futhi ukusuka lapho babuyelwe nawukuzethemba.

“Umdlalo bese kungokanoma ngubani. Bebengalishaya negoli lesithathu. Ekhefini sibakhumbuzile ukuthi kumele silwe la.

“Ngicabanga ukuthi esiwimbeni sesibili bese singcono kakhulu. Angikhumbuli la uBruce (Bvuma) evimbe khona ibhola.

“Kodwa amathuba esiwakhile siphinde senza lokhu ebesikwenza emidlalweni edlule. Kodwa ngijabule ngendlela ababuye ngayo abafana.

“Kusamele siqhubeke nokuzicija kahle ngoba siyawashaya amagoli kodwa bese siwadedela kalula nasemuva.

“Kodwa uma usabumba izinto ezinjena zizovela vele. Izinselo ezinjena zizohlezi zikhona ngoba nabadlali bazobe becabanga nangomdlalo olandelayo.”

Sbongs Gumbi

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *