UZwane uchaza ubunzima ebhekene nabo iChiefs

UZwane uchaza ubunzima ebhekene nabo iChiefs
U-Arthur Zwane
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

IKaizer Chiefs ibuyela ekudlaleni imidlalo yeDStv Premiership ngeSonto ngemuva kokungaphumeleli ukudlala emibili ilandelana ngenxa yokushodelwa abadlali.

Lokhu kwenzeke ngenxa yokuthi kubheduke ukhuvethe lweCovid-19 kuleli qembu njengoba libike ukuthi bangu-36 abahaqekile.

Kulabo kukhona abadlali, abaqeqeshi nabanye abasebenza eqenjini. Nokho seyikwazile ukuhlanganisa iqembu ezokwazi ukuthi iqhubeke ngalo nemidlalo.

Amakhosi azobhekana neSekhukhune United eFNB Stadium ngeSonto ngo-6 kusihlwa okuzoba wumdalo wayo wokuqala emasontweni amathathu.

EBhenthsini leChiefs kuzobe kubambe u-Arthur Zwane njengoba uStuart Baxter kukholakala ukuthi uzobe esagonqile.

“Siyazama ukuhlanganisa abadlali. Ngaphezu kwakho konke into ebalulekile wukuzama ukumelana nesimo, ukubona abdlali babhekanakanjani naso.

“Sinabadlali abangalijwayele ijezi okuyibo abazoqala umdlalo,” kusho uZwane ngaphambi kwalo mdlalo. 

“Abadlali abafana noLeonardo Castro noSiyabonga Ngezana bazothola ithuba lokudlala njengoba bebuya ekulimaleni okuhlalise ngaphandle isikhathi eside.

“Umdlali esingenaye ngenxa yokumiswa nguCole Alexander. UNjabulo Blom yena usebuyile. ABadlali balokhu bebuya amacozucozu nje.

“Siyazama ukubahlanganisa ukuze bakwazi ukudlala kahle nangokuzwana enkundleni.” 

FUNDA NALA: UMogashoa uthi kukhona ozodliwa yizembe ngenxa yokukhuluma kakhulu

Kuzobe kungokokuqala iChiefs ibhekana noWillard Katsande odlale isikhathi eside kuyo kanti uZwane uyavuma ukuthi angase abe yinkinga kubo.  

“Sizobhekana noWIllard Katsande, obedlala kwiChiefs phambilini. Ungumuntu ongalilahli ithemba, olwa kuze kube sekugcineni.

“Isitayela sakhe siyahambelana nesabo (iSekhukhune). Basebenza ngokuzikhandla futhi bayayilwela imiphumela. SInalo icebo labo nabaqeqeshi babo abakhaliphile impela.”

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.