UZwane ukhomba umunwe kubadlali beChiefs ngokungawini

U-Arthur Zwane ocija iKaizer Chiefs
Sihle Ndlovu

Ugxeka abadlali bakhe umqeqeshi weKaizer Chiefs, u-Arthur Zwane, iqembu lakhe eliphinde lahluleka ukuwina libhekene neMarumo Gallants emdlalweni weDStv Premiership ngeSonto.

Amakhosi acisho ashaywa kulo mdlalo abambane kuwona ngo 1-1 neGallants, eRoyal Bafokeng Stadium, eRustenburg, lapho kade elandela khona ngemuva ngo 1-0. Kusize isitobha uZitha Kwinika esishaye igoli lokulinganisa kucaca ukuthi iChiefs iyashaywa kulo mdlalo.

“Ngokwami nje kulo mdlalo siphisane ngamaphuzu. Besihlelile sathi asibayeke balibambe ibhola phambi kwethu kodwa singabaniki ithuba,” kusho uZwane.

“Mangakhi nje amathuba esiwatholile okungena ebhokisini? Nangaphambi kokuthi kube nekhadi elibomvu besingena ebhokisini kodwa asizange siwasebenzise lawo mathuba. Uma siziqeqesha sihlale sigcizelela ukuthi kumele siqedele amathuba uma sisebhokisini.”

Indlela akhuluma ngayo uZwane uzwakala sengathi uyanengeka abadlali kodwa ugcizelele ukuthi bazogcina befikile lapho bebheke khona.

“Ngijabule ngokuthi besilokhu singakwazi ukuthola ibhola uma umdlali ebhekene nomunye kodwa kuyazameka manje. Ngaphandle kokushaya igoli akukho okunye engibone bekwenzile kithina,” kusho uZwane.

“Ngiyazama ukubagqugquzela abadlali kodwa kumele siqonde ukuthi leli yiqembu elisha. Abadlali baphuma emaqenjini ehlukene nezinto zakhona, ngiyazama ukuzishintsha lezo zinto.

“Siyazama ukubenza baqonde ukuthi sifuna ukudlala kanjani nokuthi senza kanjani uma sisebhokisini. Kunezinto okumele sisebenze kuzona njengokuphaselana ibhola isikhathi sisekhona. Angingabazi ukuthi sizogcina sizenza kahle.”

Ukungawini kuyenze yahlala endaweni ka-14 kwilogi yePremiership okuyinto okungangabazeki ukuthi ayibaphathi kahle abalandeli bayo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *