UZwane unalo icebo lokuzuma iWydad ngakubo

CAF Champions League
U-Arthur Zwane
UDABA: Mhlengi Josta Cele
ISITHOMBE: Twitter

Umqeqeshi weKaizer Chiefs obambile, u-Arthur Zwane uthi bayayazi ukuthi ibuthaka kuphi futhi iqine ngakuphi iWydad Athletic abazodlala nayo umdlalo owandulela owamanqamu kwiCAF Champions League ngempelasonto.

Amakhosi aselifulathele elakuleli ukuze azinike isikhathi esanele sokuzijwayeza isimo sezulu saseMorocco ngaphambi komdlalo ozobanjelwa eStade Mohammed V Stadium ngoMngqibelo ebusuku.

Ekhuluma ngaphambi kokuthi basuke lapha eNjngizimu Afrika, uZwane uthe lo mdlalo bawulungiselele kahle futhi inhloso yabo enkulu ukungangenelwa yigoli ekuhambeni nokuzama ukuhlasela iWydad lapho ibuthaka khona.

“Okwamanje amalungiselelo alo mdlalo ahamba kahle kakhulu, sesibheke umdlalo. Siyazi ukuthi ngeke kube lula ukudlala neWydad. Kodwa sizoqinisekisa ukuthi siyinika umdlalo onzima,” kusho uZwane.

“Singajabula uma singakwazi ukushaya igoli noma amabili.” Ebuzwa ngokudlala neWydad engayazi induku ngemuva kwemidlalo engu-11 kuyo yonke imiqhudelwano, uZwane uthe: “Izitha zethu ziyiqembu eliqine kakhulu.

“Siyakwazi lokho kodwa nabo kukhona lapho bexega khona nokuyilapho esizoqinisa khona thina.

“Uma uyidedela iWydad ukuthi idlale, izokuqeda ngoba iyathanda ukudlala amabhola amade nokudlala amabhola ngemuva kodonga lwasemuva.

“Okubalulekile ukuthi thina sidlale ibhola ngaphambi kwethu, futhi sizame ukushesha sifike emapalini abo nasezindaweni zokuhlasela. Konke lokho kufanele sikwenze ngokushesha.”

UZwane echaza ngeqhinga lakhe lo mdlalo uthe: “Ngicabanga ukuthi ukuqina komqondo, sinabafana abanesipiliyoni sokudlala kwiChampions League abanjengoLeonardo [Castro], uSamir [Nurkovic] yena ungumdlali ongayeki ukugijima, usebenza kanzima ngaso sonke isikhathi.

“Sinabadlali abayingozi uma bekhahlelela ipali uma sithola ama-free kicks, kungenzeka iWydad ingakwazi ukusimela.”

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @impempe_com
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *