UZwane uphawula ngendodana kaScara Ngobese kwiChiefs

UZwane uphawula ngendoda kaScara Ngobese kwiChiefs
UScara Ngobese
OkaDonga Gumbi

Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane usecacisile ngendodana ka-Emmanuel “Scara” Ngobese okusanda kuvela kukuthi izicija enkulisa yaleli qembu.

Impempe isanda kubika ngalo mfanyana, uLwandile Ngobese osephiwe igama lesidlaliso okwakudume ngalo uyise okuthiwa inekhono elihle.

Nokho uZwane uthi ugcine besamhlola abaqeqeshi basenkulisa ukubona ukuthi uyahambelana yini nesimo somdlali abamfunayo.

“Ngike ngakhuluma nabaqeqeshi basengale enkulisa bathi basambheka nje umfana,” usho kanje uZwane ngoLwesithathu emini.

“Angazi noma usekhona yini ngoba sekunezinsukwana ngagcina ukuvela ngale enkulisa ngenxa yokuxineka ngapha (eqenjini elikhulu).  

“Kodwa ngigcina ukuya khona ubekhona, bebesamhlola ukubona ukuthi enganiikwa yini ithuba lokuba yingxenye yezinhlelo zethu zokuthuthukisa amakhono.  

“Ngizokwazi ukuthi kwenzakalani uma sengiphinda ngiya khona enkulisa cishe namuhla ntambama. Okwamanje angazi ngampela ukuthi usekhona noma akasekho.” 

UZwane, osebenze isikhathi eside ecija amakhono enkulisa yeChiefs ngaphambi kokwenyukela eqenjini elikhulu uthi baningi abafana abalethwayo, benconywa kodwa bagcine bengaphumelelanga. 

FUNDA NALA: UZuma ubalekela ukuqondiswa ubugwegwe kwiChiefs, uthi ayimkhulule ahambe

“Inselelo ekhona wukuthi abantu baletha abadlali kithi bese bebancoma bethi akukhono kuyafiwa. Kuyenzeka uthole ukuthi unekhono elikhangayo kwabanye hhayi kwiChiefs.  

“Thina lana sinendlela yethu yokukhetha abadlali esifuna ukubathuthukisa esibabona befitha endleleni esidlala ngayo.

“Ngakho uma naye (uLwandile) efitha sizomamukela ngezandla ezimhlophe. Okuhle wukuthi unomlando vele nallei qembu ngoyise ongasekho. 

“Sivele sifuna abadlali abalithandayo ngezinhliziyo zabo zonke iqembu,” kuchaza lo mqeqeshi. 

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.