UZwane uphawula ngokushiywa kwakhe kwiBafana

UThemba Zwane
Sihle Ndlovu

UThemba “Mshishi” Zwane, weMamelodi Sundowns, uthi uyasihlonipha isinqumo somqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, sokungamfaki eqenjini lesizwe, iBafana Bafana.

Abalandeli abaningi bebhola eNingizimu Afrika abaqondi ukuthi kungani uMshishi engeyona ingxenye yeqembu elizodlala imidlalo yobungani neGuinea neFrance, ngokwehlukana.

UBroos akayizwa vele indaba kaZwane njengoba ebemshiya ngaphandle nangesikhathi kudlala imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2022, eQata, nokuphethe ngokuthi ingalubhadi iBafana kuyona.

“Kumele ngisihloniphe isinqumo somqeqeshi futhi ngenza lokho kanye,” kusho Zwane ngoLwesibili.

“Ngiyaweseka amajita (akwiBafana) ngayo yonke indlela. Akukho okunye engingakusho ngaphandle kwalokho.”

Omunye umdlali weSundowns okukhalwa ngaye ukuthi uzitshwa uBroos, u-Andile Jali osefomini enhle kule sizini ka-2021/2022.

“Akukho engimbambele kona umqeqeshi. Ngithemba ukuthi ithuba lami lizovela kodwa uma kungenzeki lokho kuningi okunye nami engifuna ukukuzuza ngokwami,” kuphetha uZwane.

UZwane neSundowns benza kahle kwiCAF Champions League njengoba iqembu selizibekisele indawo kuma-quarterfinal. Lishaye i-Al Ahly kabili, ekhaya nasekuhambeni, emidlalweni yamaqoqo.

IBafana izobhekana neGuinea, eBelgium, ngoLwesihlanu, bese kuthi ngoLwesibili (Mashi 29) ibhekane neFrance, eLille.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.