UZwane uphika ukungabambisani kuye noBaxter kwiChiefs

UZwane uphika ukungabambisani kuye noBaxter kwiChiefs
Stuart Baxter
OkaDonga Gumbi

Ngesikhathi u-Arthur Zwane ebaniswa okokuqala kade kuxoshwe uGavin Hunt kwiKaizer Chiefs, umgqogqo weqembu awuzange uphazamisele.

Walithatha walifaka kowamanqamu kwiCaf Champions League futhi walinyusa nakwiDStv Premiership laqeda ngaphakathi emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu.

Kodwa kulokhu njengoba sekuxoshwe uStaurt Baxter kwabe sekubanjiswa yena futhi, izinto azihlangani neze njengoab umgqogqo weqembu ulahlekile.

Lokhu kunokwenzeka ukuthi kwenziwa wukuthi uZwane ubengasondele kakhulu noBaxter ngendlela okwakwenzeka ngayo kuHunt.

Ngesikhathi sikaHunt uZwane naye wayenikwa ithuba lokubeka imibono futhi eyingxenye cishe yazo zonke izinqumo ezenziwayo.

Nokho ukuchithile lokhu uMangethe, ethi ubesondelene nabo bobabili lababaqeqeshi futhi akukhona ukuthi ufuna ukuhliphiza okwakhiwe uBaxter.

FUNDA NALA: UNcikazi uthi ayivalwe iSundowns ukuthenga abadlali

Kuzokhumbuleka ke nokho ukuthi uke wakusho ukuthi uzozama ukubuyisa ibhola leChiefs kule midlalo esele.

“Bheka, bengisondelene noHunt. Bengisondelene futhi noBaxter,” kusho uZwane ngoLwesine ebuzwa ngalokhu.

“Ngebhadi ke kubo bobabili abaqeqeshi imphumela beyibaphika kwaze kwafika la iqembu libone khona ukuthi angingenelele ngisize.

“Engikwenzayo angikwenzi ngoba mhlawumbe bengingakuthandi laba baqeqeshi abebekwenza.

“Kube yisimo sokubona ukuthi sinohlobo oluthile lwabadlali esifuna benze lokhu noma lokhuya, futhi besisuke sivumelene sonke ngakho.

“Kodwa ke izinto bezingenzeki ngale ndlela ebesifisa ngayo yingakho ke ube sewubona ukuthi mhlawumbe kumele sijike okuthile.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.