UZwane uqhubekile nomgqigqo wakhe wokubhakuzisa inethi yize ‘besemanzini’

Mthokozisi Mncuseni 
Igolozile esicongweni iMamelodi Sundowns kulandela ukuwaqoqa kwayo egcwele amaphuzu kwiTS Galaxy ngoLwesibili ebusuku eLoftus Versfeld emdlalweni weDSTV Premiership.
ISundowns eqale lo mdlalo imimoya iphansi kwazise isemanzini kulandela ukushona kukaMotjeka Madisha (engozini yomgwaqo) ibishoda ngenqwaba yabadlali abamqoka ngenxa yezizathu ezingafani. Nokho ukushona kukaMadisha akukaqinisekiswa njengoba kusenziwa ucwaningo lolibofuzo ukuqinisekisa ukuthi nguye ngampela yini kwazise utholakale eshile.
Phakathi kwalabo badlali singabala oHlompho Kekana ukaputeni, Keletso Makglawa, Tebogo Langerman, Kermit Erasmus, Rivaldo Coetzee, Mosa Lebusa noGift Motupa ukukha nje phezulu.
Esiwombeni sokuqala bekukhonya iSundowns okufakazelwa yigoli likaPeter Shalulile alinamathisele ezintanjeni ngomzuzu ka-32.
Ibuye ngamandla iGalaxy ngemuva kwalelo goli kodwa zize zaya ekhefini ilokhu ikhombisa ukukwazi ukulitapeyta kodwa ingeyona ingozi kuDenis Onyango.
Kubuywe ngomfutho ofanayo kwesesibili isiwombe kodwa kube uThemba Zwane obhakuzisa inethi ngomzuzu ka-75 ekubeni bekubukeka sengathi ezikaDan Malesela zizwe kahle ngesikhathi sekhefu ukuthi ufunani kuzona.
Ngemuva kwaleli goli likaZwane umdlalo uqhubeke ngendlela obekuthanda ngayo iSundowns kwaze kwaba uyaphela.