UZwane usola uBroos ngakusho ngoDu Preez kwiBafana

UZwane usola uBroos ngakusho ngoDu Preez kwiBafana
U-Ashley Du Preez
Sbongs Gumbi

UHugo Broos ukhwele wadilika kubadlali athe bashaye udaka kwiBafana Bafana ishaya iBotswana ngo 1-0 emdlalweni wobungani ngoLwesibili.

UBroos uze walibeka ngembaba elokuthi kunabadlali abangeke baphinde balibhade eqenjini lakhe ngoba bamkhombisile ukuthi abekho ezingeni lokudlala eqenjini lesizwe.

Yize engababalulanga ngamagama laba badlali, kodwa kucacile ukuthi omunye wabo ngumgadli weKaizer Chiefs u-Ashley Du Preez ohlulwe amathuba alula kulo mdlalo.

Umqeqeshi weChiefs u-Arthur Zwane usole uBroos ngokuba nehaba ngale nkulumo yakhe okungenzeka igqilaze abadlali abebeqala ukudlala kwiBafana njengoDu Preez.

“Uma umdlali engakaze adlale eqenjini lesizwe ngeke akulungele kuze kube uyajwayela kulelo qembu,” usho kanje uZwane ebuzwa ngale nkulumo kaBroos.

FUNDA NALA: USolomons uthi njengobani obengayeka iChiefs aye kwiRoyal AM

“Uma eqhubeka ebizwa ukuyodlala eqenjini lesizwe kuba yilapho eya ngokuba ngcono. Uma engalinikwa ithuba ngeke aze akhule abe ngcono.

“Mina ngibona kanjalo. Ngisho kwamina ngisengumdlali kwangithatha isikhathi ukuthi ngijwayele bese ngenza kahle eqenjini lesizwe.

“Manje uma ungasabizwa ke eqenjini lesizwe uzoba ngcono kanjani? Into ekwenza ube ngcono ukuqhubeka nokunikwa ithuba,” kuchaza uZwane.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *