UZwane uthi akusadleki ngenxa yesimo seChiefs, kodwa uzosijika

UZwane uthi akusadleki ngenxa yesimo seChiefs, kodwa uzosijika
U-Arthur Zwane
OkaDonga Gumbi

Ukubona iKaizer Chiefs isiphenduke inhlekisa ebholeni lakuleli njengoba seyajika ekubeni yiqembu elidla izicoco yaphenduka elidliwa yindlala yezicoco kuyamgulisa u-Arthur Zwane.

Lo mqeqeshi obambile kwiChiefs uthi kwesinye izikhathi uze ahluleke nawukulala nokudla ngenxa yokukhathazeka ngalesi simo saleli qembu laseNaturena.

“Sisesimweni esingesihle neze futhi akukhona okwalesizini kuphela. Nangesizini edlule besilwela ukungena emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu kiwligi,” kusho uZwane.

“Ngicabanga ukuthi ukufika kowamanqamu kwiChampions League kwenzeka ngenxa yesizathu esithile, kodwa ngebhadi sangakwazi ukuyiwina.

“Kodwa kwasinika ithemba uma ubheka izinselelo ebesinazo zokungakwazi ukusayina abadlali abasha ngaleso sikhathi (ngenxa yesigwebo seFifa).

“Kube yisekuqaleni kwale sizini la sikwaze khona ukusayina abadlali. Kube sekudingeka sibasize ukubajwayeza isiko nendlela okwenziwa ngayo lapha.

“Sibajwayeze nengcindezi ehambisana nokudlalela iKaizer Chiefs. Akulula ke ukukwenza ngesizini eyodwa konke lokho ikakhulukazi uma ubheka la sisuka khona.

“Kodwa sisendleleni eya phambili manje, kube wukukhubeka nje, akukubi kakhulu. Ikhona isizini elandelayo la sizolungisa khona. Nakanjani sizosijika isimo.”

Uveze ukuthi lesi simo seChiefs sesimphilisa kabi nasekhaya ngoba usehlale ecabanga ngangakwenza ukusiza ukujika izinto.   

FUNDA NALA: AmaZulu anegqubu alibambele iSekhukhune eyahlekisa ngawo ekhishwa yizisu

“Angikwazi ukulala kahle kunje… Kwesinye isikhathi angikwazi nokudla ngoba ngikholwa wukuthi ngingakwazi ukusiza iqembu. Leli qembu ngilazi ukusuka nokuhlala.

“Uma ngingasekwa yiwo wonke umuntu ngibona ikusasa liqhakazile. Abadlali abaningi ngibazi besesenkulisa yabaneminyaka engaphansi kuka-13.

“Sengibe lapha eqenjini iminyaka engu-22 futhi kubuhlungu ukubona likulesi simo elikuso njengamanje.

“Kodwa angingabazi ukuthi izinto zizojika. AKukhona okokuqala sizithola sikulesi simo. Nangesikhathi ngifika lapha, ngesizini ka-1999/2000 iqembu lalikade liwine iBobsave.

“Kodwa ngesizini elandelayo asiwinanga lutho. Kodwa umqeqeshi wethu ngaleso sikhathi akazange ayilahle imbeleko.

“Wasikhuthaza, nathi sabona ukuthi uma kungaqiniswa lapha nalaphaya izinto zingalunga. Nebala kwenzeka kanjalo.”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.