UZwane uthi iWydad yabasiza ngokuyibukela phansi iChiefs

UZwane uthi iWydad yabasiza ngokuyibukela phansi iChiefs
U-Arthur Zwane
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Umqeqeshi obambile weKaizer Chiefs, u-Arthur Zwane uthi ukuziphakamisa kweWydad Athletic, ibabukele phansi kubasizile ekutheni bayiqhelise endleleni ebheke kowamanqamu kwiCAF Champions League.

IChiefs imangaze iWydad iyikhipha kungazelele muntu kulo mqhudelwano ebingelinye lamaqembu abhekwe ekuwunqobeni. Ngesikhathi lamaqembu ebheke esigabeni samaqoqo, iWydad yakhombisa ukuyeya iChiefs.

Ngemuva kokuyibhabhadisa ngo 4-0 emdlalweni wayo wasekhaya, iWydad yabe seyithumela iqembu elingaqinile ukuzodlala umlenze wesibili neChiefs kuleli.

Ngisho umqeqeshi wayo, uFaouzi Benzarti akazange alibeke kuleli ngaleso sikhathi. Ichiefs yabashaya ngo 1-0, okwayisiza ekutheni idlule esigabeni samaqoqo.

Kuthe esephinda etholana esigabeni semidlalo eyandulela owamanqamu, iChiefs yayivulela isahluko ebingasazi iWydad iyishayela ekhaya ngo 1-0. Iqede umsebenzi ngokuyibamba ngo 0-0 emdlaweni womlenze wesibili eFNB Stadium ngoMgqibelo.

“Sasivele sazi ukuthi ngeke kube lula kulo mqhudelwano kithi. Sasazi ukuthi kuzoba nzima ngoba sizobhekana namaqembu aphambili ezwenikazi,” kusho uZwane.

FUNDA NALA: UMosimane ubona iChiefs izoba wumqansa onzima kwi-Al Ahly

“Besibazi ubungozi babo kusukela zisuka nje. Ngicabanga ukuthi bazozisola nesinqumo sabo sokuletha iqembu elingaqinile ngalesiya sikhathi.

“Kodwa kusifundisile ke thina ukuthi uma usekuhambeni ungalinge uthathe imbangi kancane. Thina bekuvele kungabhekwe lutho kithi uma sibhekene nabo.

“Bakukhokhelile ke ukusithatha kancane ngoba ngikholwa wukuthi ukube babengazange basilethele iqembu elilula ngalesiya sikhathi ngabe izinto zahamba ngenye indlela.

“Ngenhlanhla yethu, basithatha kancane ngalesiya sikhathi okwasinika intuba yokubamangaza. Bayiqembu elihle kakhulu, lokho akungabazeki. Baqinile kuzo zonke izinhlaka, base emuva kanto noma behlasela bayingozi ngampela.

“Kodwa ke njengawo wonke amaqembu, kukhona la bebuthaka khona nabo. Noma ngabe bebedlala ngayiphi indlela, thina besizomelana nabo ngoba bebengaboni bungozi kithi.

“Kusisebenzele lokho. Indlela ebesihlele ngayo besazi ukuthi uma sifuna ukudlala njengabo, sizojaha izithunzi umdlalo wonke. Uma ubanika ithuba lokudala bangakulimaza kanzima kabi.

“Babe nawo amathuba ambalwa kulokhu kodwa unozinti wethu uDaniel Akpeyi usihlengile… nodonga lwasemuva nje lulonke ludlale kahle,” kuchaza uZwane.

Ichiefs seyizobhekana ne-Al Ahly kaPitso Mosimane kowamanqamu ngoJulayi 17 eStade Mohammed V, eCasablanca. Kukuyo le nkundla la iChiefs eyafika yashayela khona iWydad ngo 1-0.

EMAIL: Editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *