UZwane uthi uNgcobo usexolisile kuye nakozakwabo

UZwane uthi uNgcobo usexolisile kuye nakozakwabo
OkaDonga Gumbi

Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane uthi sebeyidlulisile eyesehlakalo esifake iqembu ehlazweni esenzeke ngoLwesithathu ntambama.

Kulesi sehlakalo uNjabulo Ngcobo ubecasuke kuthi akaqhume ngesikhathi ekhishwa bebhekene neGolden Arrows waze wanqaba nokuxhawula kulo mqeqeshi.

Umqeqeshi wonozinti uLee Baxter uthe uyamlandela emvimba ethi akayoxhawula kuZwane, wakhombisa udlame olubi lo mdlali eziqhathulula kuye.

Nokho uZwane uthi akuyona into enkulu lena futhi seyidlulile ngokweqembu. Akazange aveze ke nokho ukuthi ngabe abaphathi basazomthathela yini izinyathelo lo mdlali.

Impempe ibikile ngoLwesithathu ukuthi uKemiso noKaizer Junior Motaung bebecasuke bethelwa ngamanzi ngalesi sehlakalo bathi bazokhuluma noNgcobo.

“Ubecasukile futhi siyakuqonda lokho. Into ebimphethe kabi kakhulu wukuthi akabanga nomdlalo omuhle, hhayi ukuthi ubecasukele ukukhishwa.

FUNDA NALA: Kusungulwa isikhungo sokulolonga amakhono okusubatha eHarry Gwala

“Ubezicasukele yena, futhi uselibonile iphutha lakhe wabuya namuhla waxolisa,” kusho uZwane kwabezindaba ngoLwesine ntambama.

Uthe bona njengabaqeqeshi bazomsiza ukuba amelane nengcindezi ukuze isehlakalo esifanayo singaphindi ngokuzayo.

“Ukuthi isimo sakhe sengqondo sikuphi njengamanje ngeke ngazi nokuthi ukulungele yini ukuqala umdlalo olandelayo ngeke ngibe nesiqiniseko sakho.

“Kwakungcono ngezikhathi zethu, manje ingcindezi seyiningi ngenxa yokwanda kwezinkundla zokuxhumana.

“Ngezikhathi zethu yayingenzeka into enjeya kodwa ingabe isiba undabuzekwayo kangaka ngoba bezingekho lezi zinkundla zokuxumana,” kuchaza okaMangethe.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.