UZwane uveza amacebo aweze iChiefs kwiGalaxy

Kaizer Chiefs coach Arthur Zwane beat TS Galaxy
UBernard Parker noSamir Nurkovic
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Umqeqeshi weKaizer Chiefs, u-Arthur Zwane useveze ukuthi bebeyihlele ngokuphelele iTS Galaxy abayishaye qede bayeda kwiDStv Premiership ngoMgqibelo. Amakhosi aqede endaweni yesishiyagalombili okusho ukuthi izovula isizini ezayo neMamelodi Sundowns kwiMTN8.

UZwane uthi bebehlele kahle zonke izimo abangase babhekane nazo kulo mdlalo. Bebedinga ukuwinqoba nakanjani ukuze bagweme ihlazo lokuqeda ngaphandle kweTop 8.

“Besidlala neqembu ebelikwiTop 8 lingafuni ukuphuma. Bebedinga iphuzu kanti thina bekumele siwine nanganoma ikanjani,” kusho uZwane ngemuva komdlalo. Igoli likaSamir Nurkovic alishaye esiwombeni sokuqala yilo elinqobise iChiefs kulo mdlalo obuseMbombela Stadium.

“Besikulindele ukuthi bazoqala ngabadlali abane emuva ngoba bebezolwela iphuzu. Bekulele kithi ukuthi sibahlasele. Kodwa bekumele sikwenze ngokuqaphela lokho ngoba besikade sinomdlalo onzima ngoLwesithathu la sifake khona amandla amaningi.

“Besazi amandla azosinciphela ngokuqhubeka komdlalo, ngakho bekumele sizame ukulawula isivinini somdlalo. Sikwenze kahle lokho,” kuchaza uZwane obambe njengomqeqeshi kulandela ukuxoshwa kukaGavin Hunt.

“Besinecebo lokuthi sizokwenzenjani uma silishaya kuqala igoli ngoba abebezojika indlela abadlala ngayo. Besinalo nelokuthi uma kwenzeka bekora kuqala sizokwenza kanjani ukuze sithole igoli lokulinganisa nelokuwina.

“Ngenhlanhla sikore kuqala… Babuye esiwombeni sesibili sebeshintshile sebesele nabadlali abathathu emuva. Besikulindele nalokho. Bafake uWayde Lekay bemhlanganisa noMxolisi Macuphu phambili, base befaka noShuana (Mogaila) onejubane ophondweni lwesikudla.

“Siyamazi uShauna ukuthi muhle uma ebhekene nomdlali ngamunye futhi uvamise ukumshiya ngejubane. Besazi ukuthi uPhilani Zulu uzobe esekhathele uma kwenzeka lokho ngakho simkhiphile safaka uYagan Sasman.

“Sikwazile ke ukubavimba bengalitholi igoli, sawawola wonke amaphuzu asifake kwiTop 8,” kusho uZwane.
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.