Uzwela abadlali bakhe uDladla weRichards Bay eshwebe isicoco

Abadlali beRichards Bay

OKADONGA GUMBI

Ukhathazekile ngabadlali bakhe umqeqeshi weRichards Bay, uSimo Dladla abangase bahlaselwe wumzwangedwa ngemuva kokushweba isicoco kade sebesiphethe ngezandla.

Phela iNatal Rich Boys ike yazihola phambili yavula negebe futhi idlala kahle. Beyibonakala izosidla kalula isicoco seGladAfrica Champiosnhip bese izibekisela indawo kwiDStv Premiership.

Kodwa njengoba sekusele umdlalo owodwa, seyizolwela ukuqeda ezindaweni zamaqembu azodlala eyokuhlunga. Izinto zibhimbe sekusele imidlalo eyisithupha kuphethwe.

IBay ihluleke yancame ukushaya iJomo Cosmos ngeSonto emdlalweni obekumele iwuwine ukuze ibe nethuba lokudla isicoco. Kodwa manje seyisalele ngamaphuzu amahlanu kwiRoyal AM eqhamuke esithubeni futhi ebonakala isisidlule isicoco. Leli qembu likaShauwn Mkhize limelwe wukudlala ngokulingana emdlalweni walo wokugcina bese liba ngompetha.

“Ngikhathezeke ngabadlali ngoba ngicabanga ukuthi ingcindezi ibe nkulu kakhulu. Asibafakeli ingcindezi thina. Sibayalela ukuba bayozibonakalisa. Badlale kahle kakhulu kule sizini,” kusho uDladla ngemuva kokubambana ngo 1-1 neCosmos.

“Siwine eminingi imidlalo kodwa manje kubonakala sengathi inqola iqhunyelwe amasondo, Angazi ke kwenziwa yini lokho ngoba siyazama ukubafaka umfutho abadlali.

“Siyazicija ekutheni siyilawula kanjani imidlalo nokuthi siyiwina kanjani. Ngicabanga ukuthi inkinga isisezingqondweni manje. Ukungabi namava kusilimazile,” kuchaza uDladla.

Ebuzwa ukuthi yena uzizwa enjani njengoba ekhatahzeke kangaka ngabadlali, uthe ufundile kule nkiyankiya ababhekane nayo.

“Ngiphoxekile ngoba lento beyisisezandleni zethu. Sibe side isikhathi siyiphethe. Besilokhu siphezulu isizini yonke futhi ngicabanga ukuthi besifanelwe wukuqeda ngaphakathi emaqenjini amathathu aphezulu.

“Kodwa manje sekuwumdlalo odinga ingqondo ekhaliphile kanti lokho kuyasibulala thina. Nami ngikhulile kulesi simo,” kusho uDladla. IBay izovala isizini ngeSteenberg United ekhaya. Ngeke kube wumdlalo olula ngoba leli qembu alseKapa lizobe lilwela ukuvika izembe.

Email: Editor@impempe’.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *