‘Vele siyamkhumbula uBilliat,’ kusho isikhulu seSundowns

IKhama Billiat ejabula nozakwano bakwiKaizer Chiefs, iMamelodi Sundowns ithi isamkhumbula

OKADONGA GUMBI

Isikhulu esiphethe izimali kwiMamelodi Sundowns, uYugesh Singh siphumele obala savuma ukuthi mhlawumbe benza iphutha ngokudedela uKhama Billiat abashiye ayodlala kwiKaizer Chiefs.

UBilliat wathusa abaningi ekuqaleni kwesizini ka-2018/19 ngesikhathi elaxaza iSundowns ayesehlale kuyo iminyaka emihlanu futhi engomunye wabadlali abayizethenjwa zowayengumqeqeshi ngaleso sikhathi, uPitso Mosimane.

Nokho selokhu afika kuMakhosi uBilliat uyehluleka ukufika ezingeni ayekulo esekuMasandawana. USingh ubuzwe ngumlaleli ngesikhathi ekhuluma kuPower FM ukuthi ngabe abazisoli yini ngokudedela lesi sihlabani saseZimbabwe.

“Ngabe singasho siyiSundowns ukuthi siyamkhumbula uKhama? Yebo. Nakanjani,” usho kanje. “Ngabe uKhama yena uyayikhumbula iSundowns? Ngingathi yebo. Ngingasho kanjalo.”

 

Ube esevuma ukuthi mhlawumbe kwaba yiphutha elikhulu kuleli qembu laseChloorkop ukunqaba ukunika uBilliat ayekufuna ngesikhathi kunezingxoxo zokwelula inkontileka ngoba wayezimisele ngokuhlala uma kuvunyelwana.

“Mhlawumbe iSundowns kwakumele imnike uKhama le mali ayeyifuna. UKhama ngabe usewine inqwaba yezicoco kwiSundowns,” uqhube washo nje uSingh.

Le nkulumo kaSingh akungabazeki ukuthi izobacika abeChiefs njengoba kuvele kunokungazwani phakathi kwala maqembu kusukela uBilliat athathwa Amakhosi.

IChiefs yake yasola oMosimane esekwiSundowns ngokuthi uphazamisa uBilliat uma elokhu ekhuluma ngaye ethi uyafisa ukubuyela emuva eChloorkop.

Khonamanjalo, ngoLwesihlanu iSundowns isayine isitobha seMaritzburg United, uRushine De Reuck obefiswa amaqembu amaningi okubalwa i-Orlando Pirates neChiefs.

USingh uveze ukuthi uDe Reuck angabonakala esedlubhe ezaMasandawana ngeSonto uma sebebhekene neChippa United uma abaqeqeshi bemfaka eqenjini. UDe Reuck usayine iminyaka emihlanu kwiSundowns.

“Ikhadi lePSL usenalo, futhi usengakhethwa kwabazoqala umdlalo wethu neChippa United ngeSonto. Iqembu selisifakile nesicelo sokumbhalisa kwiCAF (ukuze adlale kwiChampions League), sibheke impendulo lingakashayi iSonto,” kuchaza uSingh.

Leave a Reply

Your email address will not be published.