Wafunda ngontanga owayethenge iqembu, waba nentshisekelo uMalabela weDynamos

UPat Malabela owayengusihlalo weDynamos

OKADONGA GUMBI
Wayeseholidini e-United Kingdom ngesikhathi efunda umbiko ephephandabeni ngensizwa eyayisencane eyayithenge amasheya kwiTottenham Hotspur, wangenwa wumoya wokufuna ukuba nelakhe iqembu uPat Malabela owayengusihlalo weDynamos.
UMalabela waba ngusihlalo wokuqala omncane ngo-2002 ngesikhathi ethenga iDynamos, nokho leli qembu lagcina liphelile njengoba selingumlando manje.
“Ngangineminyaka engu-27 ngiba neqembu ekokuqala esigabeni esikhokhelayo,” usho kanje uMalabela exoxa nabe-Energy FM.
“Yindaba ende lena (eyokuthi ngaliqala kanjani iqembu). Ukunqamulela nje, ngangiyovakasha e-United Kingdom, ngamphambi nokuthi ngihambe iDynamos yayiphethwe nguPeter Rabale osewashona. Yayisemsileni kwiFirst Division (esibizwa ngeGladAfrica Championship) kucaca ukuthi izodliwa yizembe.
“Ngesikhathi ngise-UK, ngathi ngifunda iphephandaba ngathola udaba oluthi insizwa eyayisencane ithenge amasheya kwiTottnham Hotspur.
“Ngatshela intombi engangihamba nayo, osekungumkami manje, ukuthi uma ngifika ekhaya nami ngifuna ukwenza okufanayo. Wathi, ‘kwenze impela uma ukuthanda’,” kuchaza uMalabela.
“Kwathi uma sengibuyile ngathola ukuthi iDynamos isindile ezembeni. Ngaqala ngafuna uRabali ngamthola, wangidayisela yona. Kwakuyisizini ka-2002/3.
“Ngakhokha uR600 000 ngesikhathi kanti ngiyithenga yayinabadlali abathathu nje kuphela, kwadingeka ukuthi ngiyakhe kabusha. Kodwa ngesizini elandelayo yayisinyuselwe esigabeni esiphezulu,” kuqhuba yena.
Nokho kwaqubuka umbango ngobunikazi beqembu obagcina ngokulidunga, ladliwa yizembe laze lagcina liphelele ezigabeni sama-amesha.
“Kubuhlungu ngoba ukube akwenzekanga lokho ngabe kumanje sikhuluma nje iDynamos ingundabuzekwayo ezweni lonke, ngabe seyinkulu. Inkinga wukuthi abanye babantu abasiza ngesikhathi ngakha iqembu, baba nenkinga. Kwakunethimba losomabhizinisi ababefuna ukusebenzisana nami kodwa akwengenzeka.
“Kunombandela owawukhona namanje engingavumelekile ukukhuluma ngawo ngoba bengangibophisa. Yalungiswa indaba yawo, kodwa angivumelekile ukukhuluma ngayo.”

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *