‘Wayethengelwe izinkabi uMeyiwa,’ kusho umseshi

'Wayethengelwe izinkabi uMeyiwa,' kusho umseshi
Umufi uSenzo Meyiwa
UDABA: Intatheli yeMpempe
ISITHOMBE: Twitter 

Sekuvele okusha ngokubulawa kukaSenzo Meyiwa owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana.

Ngokombiko weNews24, umseshi wecala uColonel Bongani Ginindza uveze lokhu encwadini efungelwe.

Kuthiwa le ncawadi yiyo eyasetshenziswa ukuthola igunya lokubopha abasolwa abahlanu okuthiwa bayabandakanyeka kulokhu kubulala.

Lokhu kuwulwazi olusha kwazise ngesikhathi kusanda kwenzeka isigameko ngo-Okthoba ka-2014 kwavela ukuthi babekade bebanjwa inkunzi.

Wayekade evakashele owayeyintombi yakhe ngaleso sikhathi umculi uKelly Khumalo ekhaya kubo eVosloorus.

Kwavela ukuthi kwangena amadoda amabili afike abalwisa efuna ukubabamba inkunzi.

Kuthiwa uMeyiwa wabe eselwa ezama ukuvikela isithandwa sakhe nomndeni waso kwaba yilapho edubuleka khona.

Washonela endleleni ephuthunyiswa esibhedlela. Kusukela ashona sekukuningi okuvelile okuphikisanayo ngokubulawa kwakhe.

Ezinye zezinkabi eziboshelwe leli cala kuthiwa zikhala ngokuthi zibhecwa ngobende inyama zingayidlanga.

FUNDA NALA: IFifa isiqalile ukuphenya ngomdlalo weBafana neGhana

Umlisa wokuqala owaboshwa kusanda kwenzeka isigameko wabuye wadedelwa njengoba kwavela ukuthi uyasukelwa nje.

Sekuphele iminyaka eyisikhombisa ashona uMeyiwa kodwa namanje icala lakhe alikasonjululwa.

Selake laze lavalwa lathathwa njengelinye lalawo angaxazululeki kodwa ukungena kukaKhehla Sitole ekuphatheni amaphoyisa kwenza lavulwa kabusha.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *