Wenze obekulindelekile uMpengesi ephinda exosha uMalesela

Ligcwale umoya kuDan Malesela

SIHLE NDLOVU

Njengoba bekulindelekile usihlalo weChippa United, uSiviwe “Chippa” Mpengesi, akasapholisanga Maseko wavele wamkhomba indlela futhi umqeqeshi uDan “Dance” Malesela.

Uxoshwa nje uMalesela yingoba iChilli Boys ithelwe ngehlazo ibhaxabulwa yiMaritburg United ngo 5-1 emdlalweni weDStv Premiership eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngoMgqibelo.

Ngokusho kweTimesLIVE uMalesela ubesebhasini nabadlali bakhe eqonde esikhumulweni sezindiza ngesikhathi eqinisekisa ukuthi uyayishiya iChippa. Lokho kusho ukuthi waze ngoMgqibelo noma ngeSonto ekuseni ukuthi ibhantshi seligcwale umoya kuyena.

“Ngisebhasini eliya esikhumulweni sezindiza njengamanje kodwa ngingakuqinisekisa ukuthi ngiyahamba. Ngicela sibuye sikhulume,”  kusho uMalesela ekhuluma neTimesLIVE.

UMalesela ufike kwiChilli Boys wasayina inkontileka ebizophela uma kusongwa isizini ka-2020/2021. Ubezovala isikhala esivuleke ngokuxoshwa kukaLehlohonolo Seema. Sekukaningi exoshwa kwiChilli Boys kodwa abuye abuyele khona uma uMpengesi esembiza.

IChippa isendaweni engeyinhle neze kwi-log yePremiership njengoba ikunombolo 14 ngamaphuzu angu-17 ngemuva kwemidlalo engu-21. Iqembu elingemuva kwayo, iTshakhuma FC, linamaphuzu angu-16 kanti lisadlale imidlalo engu-19 kuphela. Lokhu akuyibeki esimeni esihle iChippa njengoba nemidlalo ilokhu incipha.

Ngemuva komdlalo uMalesela ukhale ngamaphutha kubadlali bakhe kodwa wagcizelela ukuthi kumele babuyele emuva bayohlelela umdlalo ozayo.

“Sishaywe kakhulu ukuzimisela nawo wonke amaphutha esiwenzile emdlalweni. Kodwa ukulambela ukuwina uma ukuqhanisa nalokho iMaritzburg ebikwenza, akufani nakancane nokwethu. Ukulangazelela ukuya phambili uyodlala ngaphandle kokuthi kwenzekani, akufani nobekwenziwa elinye iqembu,” kusho uMalesela.

UMalesela uzoshiya iqembu lisemdlalweni owandulela owamanqamu weNedbank Cup. Emdlalweni olandelayo weligi iChippa izobhekana neMamelodi Sundowns eSisa Dukashe Stadium.

Email: editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.