Yashaya iChiefs yadlondlobala kakhulu iRichards Bay

UKhanyisa Mayo weRichards Bay FC

MTHOKOZISI MNCUSENI

Kungenzeka yini ukuthi ukuwashisa iKaizer Chiefs ijezi kwiNedbank Cup kweRichards Bay iwona umjovo obudingwa yileli qembu laseMhlathuze ukuthi ligcine likhale lemuka nesicoco seGladAfrrica Championship?

Leli qembu lisahambela phezulu kulandela ukuphoxa kwalo iChiefs liyikhipha emqhudelwaneni omqoka ukwengeza ngaphezu kwezinye izinkinga ezikhungethe Amakhosi.

Lokhu kunqoba kwiChiefs kubukeka sengathi kuyifake amaphiko iNatal Rich Boys kwazise isivule igebe lamaphuzu amathathu embangweni wesicongo seChampionship ukusuka lapho

Nakuba kusemnyama emaqenjini afana noSteenberg United, Cape Town Spurs neBizana Pondo Chiefs kodwa kubukeka sengathi umbango ekuwona iRichards Bay uhluke kakhulu kunalo weminyaka edlule.

Bekubukeka sengathi ukuminyana kwamaqembu anesibalo esifanayo embangweni wesicoco uzoqhubeka ngesikhathi iRichards Bay izithola isilandela ngemuva kubakhaya bayo Uthongathi FC ngeSonto eMhlathuze Sports Complex.

Esiwombeni sesibili kulo mdlalo, iqembu lasekhaya livuke indlobane lagcina ngokuwaqoqa egcwele amaphuzu okwenze lakwazi ukuphefumula kwiSekhukhune United esendaweni yesibili kwilogi.

Ngalo iSonto, iPondo Chiefs iqhubekile nokuhlala emsileni ikhala ngaphansi kwiFree State Stars. Bese kungokwesishiyagalombili iChiefs inganqobi kwiligi.

IPolokwane City obese kungokwesihlanu ingashaywa ithele iJomo Cosmos ngehlazo lika 3-0 okwenze Ezenkosi kwangathi zihlehla nyova embangwnei wesicoco.

Imidlalo ivulwe ngendlala yamagoli eKapa ngoLwesihlanu lapho iCape United neCape Town All Stars beshayane khona baze babukana kungekho obona lapho amapali egxunyekwe ngakhona.

I-University of Pretoria iyona emangaze abaningi ngomphumela wayo ngoMgqibelo lapho ishaye khona ngo 2-0 iSpurs obekuyiwini yokuqala yamaTuks emidlalweni engu-11.

Ngawo uMgqibelo iSekhukhune neTS Sporting bacazelane amaphuzu bedlala kuba u 0-0 kwaba umphumela ofanayo nakwiJDR Stars neRoyal AM.

Lesi sigaba sizohlaba ikhefu ngempelasonto ezayo kwazise kunemidlalo ye-last 16 yeNedbank Cup. Imidlalo yeGladAfrica Championship izoze ibuye ngoMashi 5.

Isiyonke imiphumela yeGladAfrica Championship ihambe kanje:

Cape United 0-0 Cape Town All Stars;
Sekhukhune United 1-1 TS Sporting
University of Pretoria 2-0 Cape Town Spurs
JDR Stars 0-0 Rolay AM
Steenberg United 0-1 Pretoria Callies
Free State Stars 2-1 Bizana Pondo Chiefs
Polokwane City 3-0 Jomo Cosmos
Richards Bay 2-1 Uthongathi
Email: mthokozisi@impempe.com
Twitter: @MthokozMncuseni

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.