Yehlulekile iSekhukhune ukubuyela eqhulwini

UKamohelo Sithole weTS Sporting

OKADONGA GUMBI

Iphinde yalandelwa yizinhlanhla iRichards Bay izimbangi zayo ezinkulu emjahweni sesicoco seGladAfrica Championship, iSekhukhune United silahla amaphuzu ngemuva kokubambana ngo 1-1 neTS Sporting KaBokweni Stadium eMpumalanga ngoLwesithathu ntambama.

INatal Rich Boyz beyiqhuzukile ngoLwesibili njengoba nayo ilahle amaphuzu ishayelwa ekhaya yiFree State Stars, okwenze ayangakwazi ukunweba igebe ezihola ngalo phambili.

Njengoba sekusele imidlalo eyisikhombisa, umbango usuzoshuba kakhulu kulesi sigaba. IBabina Noko beyibukeka iza kahle futhi izokwazi ukuwawola wonke amaphuzu kwiSporting, kodwa zabuye zajika izinto.

Akuthusanga ngesikhathi isheshe izibeka phambili ngomzuzu ka-22, uMcClive Phiri elibeka enethini ibhola kade kuyiphenathi edaleke ngokudlaliswa kabi kukaChiubuke Ohizu.

Nokho Abantu Bemthetho babuye sebezihlele kangcono, futhi sebengqongqoza bephindelela emapalini kamakadebona kanozinti uTapuwa Kapini esiwombeni sesibili.

Imizamo yabo igcine iphumelele ngomzuzu ka-81 ngesikhathi uKamohelo Sithole obesuka ebhentshini esho ukuyidabula inethi ngeshodi alizwe ngoba sekukhala inethi uKapini ukuthi inkomo seyisemahlangeni.

NeBabina Noko ibe nawo amathuba ebingaqinisekisa ngawo ukuthi ihamba nawo wonke amaphuzu, kodwa yehluleka ukuwusebenzisa.

ISporting sizosala sikhala nokho ngonompempe uVictor Hlungwani oqede umdlalo umgadli waso esajaha ibhola obekungenzeka afike kulo kuqala kunoKapini bese kujika izinto, amaphuzu asale wonke eMbombela.

Lo mphumela ushiye iSekhukhune endaweni yesibili, isele ngamaphuzu amabili kwiNatal Rich Boyz, kanti iSporting yona isahleli endaweni yesihlanu kodwa isele ngamane ukufika eqhulwini.

Imiphumela: Steenberg United 1 Bizana Pondo Chiefs 1; TS Sporting 1 Sekhukhune United 1; Cape Town All Stars 2 Uthongathi 3; Jomo Cosmos 0 Cape Town Spurs 0

Email: Editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.